NgoLwesithathu lomhlaka 23 Agasti iKZN Netball yethule ngokusemthethweni iNetball Males Super League Challenge edlalwa abantu besilisa kwaphinda kwatonyulwa namaqembu azobe eqhudelana phakathi kwa A no B.
UMengameli we KZN Netball, uNkk Gugu Ngema uthe bayathemba ukuthi lemqhudelwano izokwazi ukunikeza ugqozi labo ababonakala bephela amandla nokuthi imidlalo iyaqhubeka ngaphandle nje kweSuper Legue kuphela.Nakuba kusanenkinga yokungabi nabo abaxhasi.
UNgema ukhuthaze zonke izifunda zaKwaZulu-Natali ukuthi zikhiphe amaqembu ukuthi nawo azobamba iqhaza ngaphansi kweSuper League ukuze kukhule umdlalo we Netball.
Nezikhungo zemfundo ephakeme ezifana ne DUT kanye ne noNgoye nazo ziyadlala ngaphansi kwe Varsity Cup.
UPhumlani Mdluli onguKaputeni we Ziphozonke Netball Club uzwakalise ukubonga okukhulu ngokuthi nabo bengabantu besilisa bavulelwe ithuba lokudlala ngazikhathi zonke, wabe esethembisa ukuthi impela bazodlala ngokuzimisela banqobe wonke amaqembu abaqhathwe nawo.