Abakwa Shoprite namathuba omfundaze kanye nawomsebenzi kweze Information Technology

UPercival Phakathi uneziqu ze Bachelor of Science in Applied Mathematics, azithola eUniversity of Pretoria osebenza khona kwaShoprite Group

SHEILA MHLONGO

Abakwa Shoprite Groupbavule amathuba kwintsha efisa  ukwenza izifundo ze -Information Technology kanye nalabo abafunde bagogoda kulomkhakha ukuba bajoyine lenkampani enenxanxathela yezitolokazi lapha kwelase Afrika ngokuthi bafake izicelo ohlelweni lwayo lwemifundaze noma bafake izicelo kumathuba abanawo emisebenzi eyahlukene.

UShoprite unohlelo lwemifundaze ehlanganisa ukukhokhela izifundo, indawo yokuhlala emakhempasini, imali yokuthenga ukudla (grocery) iphinde izibophezele ukuqasha kwasebephothulile bathola iziqu zabo. Intsha iyanxuswa ukuthi ifake izicelo zayo ngokuvakashela iwebsite yabowww.shopriteholdings.co.za/careers.html. Lokhu bangakwenza ngaphambi komhlaka 30 Septhemba 2023

Inkampani yakwa Shoprite isiphenduke ikhaya entsheni ekhaliphile futhi enamakhono emkhakheni we Information Technology, Uphiko lwe-Shoprite Technology lusebenzisa itechnology, data, insights, systems ukuvula amathuba amasha.

U Percival Phakathi (28) ongowokudabuka e Greytown ungomunye owazibambela lelithuba njengoba wajoyina lenkampani ngonyaka ka 2020 emva kokuba ephothule izifundo zakhe  wathola iziqu ze Bachelor of Science  in Applied Mathematics, azithola  eUniversity of Pretoria.

“Ithuba eliyingqayizivele lokusebenza ophikweni lweShoprite Technology  likunikeza umdlandla ongakwazi ukukwenza uqhamuke namasu  ezobuchwepheshe “. Kusho uPhakathi okwazile ukusungula igeo –spatial, okuyiyo ehamba phambili kumakhasimende  ebizwa nge Checkers Sixty60, esiza amakhasimende athenge aphinde adilivelwe izimpahla esikhathini esingaphansi kwemizuzu engu 60.

Ngaphezu kwethuba lomfundaze uShoprite umema bonke abafunde bagogoda kwezobuchwepheshe  ukuthi bajoyine uphiko lwabo lwe Techonolgy (Technology division).

“UShoprite Technology iyindawo enhle nefanele intsha ekulomkhakha ukuthi izofunda iphinde iqhamuke namasu okuzithuthukisa ulwazi kulendima” kusho uDebbie Cunningham, onguMphathi kuloluphiko lwe Digital Technologies”. Oqhube ngokuthi babeka phambili indaba yokuthuthukiswa kwamakhono, etech certification, kanye nokuzibeka kumathuba ezobuchwepheshe obuthuthukayo okubandakanya OpenAI kuya kwi computer vision,njengoba sibheke phambili kulomkhakha oya ngokuthuthuka.

Abantu bangavakashela iShoprite Group careers portal  kanye neLinkedIn page ukuze babone amathuba noma izikhala zomsebenzi ezikhona ezahlukene kusukela kwi Systems Engineers kuya kwi Cyber Security specialists , Business Analysts, Enterprise Architects, Application Specialists , kanye nezinye izikhala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *