NKOSIE NTOMBELA
Insizwa esencane enethalente lokudweba isebenzisa ipeni lomsizi obizwa ngo Mpilo Da Guru Art ogama lakhe uMpilo Ntombela waseMgababa Area 38 unesintshisekelo yokuba nendawo lapho ezokhangisa khona umsebenzi wakhe wezandla.
Engxoxweni abenayo uMpilo Da Guru Art neNtatheli ye KZN Namuhla Newspaper uthe ” ubuciko bokudweba ngibuqale mhla ngiqala ukubamba ipeni njalo eskoleni ngisafunda bekungapheli ukudwena noma yini engibonile enhle ngidwebe njengoba injalo.Yize ngisamusha kodwa okukhulu ukuthi mangakwazi ukuthi ngibe nendawo lapho ngizobeka khona imdwebo yami idayise ukuze ngibeke isinkwa etafuleni ngalelithalente enginalo ” kuphetha uMpilo Da Guru.
Leliciko ngaphandle kokudweba liphinde libe ingxenye yokulwa nobugebengu njengoba ekwikomiti lezokuphepha endaweni khona esigcemeni area 38 lapho ethe njengoba ebamba iqhaza ezintweni ezenzeka endaweni uyafisa ukubona intsha yangakubo ingahlali ilwe nokwanda kobugebengu nokulwa kokuhlukumezwa kwezingane kanye nogogo.