NKOSIE NTOMBELA
I Boot Camp yaseMnganiwakhe High School eqale ngezi 27 Agasti 2023 ivulwe ngezikhulumi ezingomakadebona kwezemfundo.
Le boot camp ezophela mhlaka 02 September 2023 ngokusho kuka Thishomkhulu uNksz Mkhize.. uthe inhloso yayo ukubona ingane yomuntu omnyama ephumelela empilweni ingagcini ngokuba oscabha noma izithole ishayela amatekisi njengoba kusenhliziyweni yakhe ukubona ingane yomuntu omnyama iphumelela ishintsha nesimo sasekhaya ingakho eqale lohlelo athe balubiza nge “Gozololo Programme” ngoba bazolala kancane okuningi kuzobe kufundwa.
UNksz Silindile uNobhala we District ngaphansi kwe National Association of School Governing Body uthe uyathemba ukuthi kulonyaka njengoba bezoseka loluhlelo lokulungiselela abafundi imiphumela izoba mihle kakhulu
UMnu. Innocent Dimba oyi Student Recruitment Officer, obemele i-UKZN, ngaphansi ukhuthaze abafundi ngokuthi kumele bazimisele ngoba imfundo ibalulekile iyona eyokhipha umuntu omnyama enhluphekweni wabe esechaza ngezikhungo abanazo ezinhlanu kwisifundazwe kanye nohla lwezifundo ezidingekayo uma uzongena eUKZN,uMnu Dimba ubekhashwe abafundi abenza ezobudokotela khona e UKZN,Usihlalo wabafundi kwezobudokotela uMiselo Gibixeko uthe ufisa abafundi bazimisele njengoba yena akwazi ukuthola imiphumela eyamfaka eNyuvesi ekubeni ephume esikoleni sasemakhaya esintulayo eMatatiele wase ebafisela inhlanhla ekubhaleni kokuphela konyaka
Khona manjalo umnyango wezemfundo ubumelwe uMnu. Khomo onguMqondisi Jikelele ngaphansi kweSiyingi uMlazi lapho enabe kabanzi wathi
“ iphutha elikhulu ongalenza ukungalesabi ihlazo ,ngizowubuka kanjani umphakathi uma imiphumela ingemihle, ihlazo lokungaphasi emva kweminyaka engaka usesikoleni ngiyacela bazali bambisanani nothisha ekukhuliseni umfundi nesabe ihlazo lokwehluleka ekukhuliseni nasekwesekeni izingane” Ubesebonga uThishomkhulu ngokunyusa imiphumela Ka 2022 yabaku 67% kusuka ku 44% ngo 2021.
Kuvalwe ngomthandazo obuholwa uMfundisi Mbatha wasebasekhulekela bonke abafundi ukuze uThixo abaphe amandla njengoba bezolungisela ukuqala kokubhala kokuphela konyaka.Ubesenxusa abafundi kmele bafunde ukuzithiba ukuze bakhule