Ngiyabingelela Sizwe sakithi enyangeni enkulu yokugubha amasiko ethu siyisizwe esinsundu . Lenyanga yakhethwa ngoba ngomhla zingamashumi amabili nane( 24) ngonyaka 1828 Inkosi yesizwe sakwaZulu uShaka KaSenzangakhona Ilembe Eleqa Amanye Amalembe ngokukhalipha ladlula emhlabeni ngalolo suku .
Lwaseluyahlonishwa ke lwenziwa usuku lokukhumbula amasiko wethu. We bakithi kuhle ukuwazi amasiko wethu siwalandele futhi siwahloniphe. Ukungalandeli amasiko kudala izinkinga ezigcina zisiholela ezandleni zezigebengu ezizodlala ngathi kwezikamoya ngoba sesintula nje nezwe sihluphekile.
Amasiko akuwona amadimoni kodwa yinsika yokuphila kwethu siyisizwe esimnyama. Impande yamasiko wethu wonke luthando, amakhosi wonke akithi ayebusa ngothando futhi ayeqinisekisa ukuthi abantu baphila ngothando nobumbano. Ongenaso isibaya sezinkomo ngoba zingekho wayephiwa ezamasiso naye aziqalele esakhe isibaya kungabibikho osweleyo.
Isifiso sami njengoba sibungaza lenyanga yamasiko sengathi singayiqinisa impande yamasiko eluthando sithandane sinakekelane futhi sisizane . Makungabibikho oyoswela sibhekile singamlekeleli .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare