NKOSIE NTOMBELA
Sekuqubuke inkulumo mpikiswano kwizakhamuzi zase Ningizimu Africa emva kokuvela ngokusemthethweni kweqembu elizibiza ngo Mkhonto Wesizwe (MK) ekubeni kune Millitary Veteran Association (MKVA) okuwuphiko lomakade ebona bamasosha omzabalazo abangaphansi kwe African National Congress (ANC).
Okuhlalukile kwinkulumo mpikiswano kwinkundla zokuxhumana lapho amalunga omphakathi abuza eyokuvunyelwa kweqembu elisha elizongenela ukhetho ukuthi I MKVA isizimele yini? Abanye bathe kshuthi kulonyaka iphepha lokuvota kuyoba amakhasi amathathu njengoba amaqembu emaningi amasha kulokhetho oluzayo.
Khonamanjalo uMasechaba Mothloung we MKVA uthe ” kuyasethusa ukuthi kubekhona iqembu elibhaliswe nge MK emva kokuba benomlando ongaka wokulwela inkululeko eNingizimu Africa kubekhona inhlangano ezibiza ngamasoha enkulululeko ucela izakhamuzi zingabi nakho ukudideka bona bayaziqhelalanisa nalenhlangano entsha ezibiza nge MK” kuphetha Masechaba kwi statimende asikhiphile ngomhlaka 12 September 2023.
UMkhonto Wesizwe ngemininingwane ebhalwe kwinhlangano nakwi ncwadi esisabalele kwinkundla zokuxhumana eqinisekisa ububhaliswa ngokugcwele kwenhlangano umholi wayo ngu Mnu Jabulani Sibongeseni Khumalo wase Thekwini Kwa Zulu Natal.
Indida kubhaliswa iqembu lo MKhonto WeSizwe kuhla lwamaqembu azovotelwa ku 2024.

