Kunesimo esibuhlungu sokugcinwa kwabantu abangenacala emajele ase`Ningizimu Afrika

UNgqongqoshe wamaPhoyisa eNingizimu Afrika uMnu Bheki Cele

KULOBA U-SHEILA MHLOGO

Loludaba olubuhlungu lucashunwe ephephandabeni iBusiness Tech

Kubonakala kunesimo esibuhlungu esenzeka eNingizimu Afrika sokuthi kugcinwe abantu abangenacala emajele ngaphandle kwesiqiniseko sokuthi ngempela bawephulile umthetho ngandlela thizeni.

Lokhu kuhlaluke ngoLwesithuthu lomhlaka 23 Agasti, ngesikhathi iJaji J. Mossap ekhipha isinqumo ecaleni eliphakathi kuka Mdunyiswa Mtolo ongummangali owagcinwa ejele iminyaka emibili nezinyanga ezingu-8 ngaphandle kwecala, kanye noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu Bheki Cele ongummangalelwa.

Mayelana nokuboshwa kuvalelwe ejele ummangali, iJaji lithole ukuthi kunobufakazi obuqinile bokuthi uNgqongqoshe uCele ekanye nabasebenzi bakhe amaphoyisa bahlangana babumba ubufakazi obungekho ukuze babophe uMtolo ngecala angalazi lokweba.

Umbiko uqhuba uthi ngesikhathi ummangali ecela ibheyili enkantolo yemantshi yase Richmond, umseshi wecala wasiphikisa isicelo sebheyili efakaza ethi ummangali uboshwe esemotweni yokwebiwa. Kanti iqiniso lithi waboshwa esemsebenzini wakhe, ibamba leJaji laphinde lathola ukuthi ufakazi waqamba amanga.

Ngaphandle kozunge olwenziwa amaphoyisa ukubopha ummangali iJaji lithi akukho nobuncane ubufakazi obumyamanisa nalamacala ayebekwe wona.

“Khona kuyadabukisa impela ukuthi umuntu agcinwe ejele isikhathi eside kangaka ngaphandle kwesizathu esisemthethweni nesiphathekayo, kuze kuba ekugcineni achithwe wonke lamacala abekwe wona”. Kusho iJaji.

Isiphetho salendaba sithi iJaji linqume ukuthi uNgqongqoshe uCele  kumele akhokhele ummangali isamba semali engu R3,367,200, lokhu okuhlanganisa uR3million wokuboshwa , uR300,000 wokwehlisa isithunzi,kanye no R67,200 wokulahlekelwa umholo wakhe.

“Lokhu kwaba isikhathi esibuhlungu nesinzima kakhulu kumsolwa ukuthi ahlushwe abantu okwakumele kube yibona abamsizayo, lesisimo kuyacaca sashiya ummangali ephelelwe ithemba”. Kubeka iJaji Mossap.

Kanti ngaphezu kwalelicala maningi amanye amacala afana nalawa, lapho abantu baseNingizimu Afrika behlukumezwa beboshelwa amacala abangawazi nabangahlangene nawo,iJaji lize lenza isibonelo ngabantu abahlanu abazithola besenkingeni efanayo neka Mnu uMtolo.

Ingabe indaba efana nalena yake yakwehlela noma kukhona omaziyo? Faka umbono wakho ngezansi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *