SHEILA MHLONGO
Kuheleze umoya wokuthula nokuzwana ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yokufihla uMntwana waKwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi eMahlabathini ngoMgqibelo womhlaka 16 Septhemba 2023, eMahlabathini.
Inhlonipho kanye nesizotha kube yinto ehamba phambili kulenkonzo njengoba bekubuthene isigungu esiphezulu kuhulumeni kazwelonke,siholwa uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, oMengameli bakuleli asebathatha umhlalaphansi, abaholi bamaqembu ezepolitiki abehlukene, abaholi basemazweni angaphandle, abalandeli bamaqembu ehlukene ezepolitiki,abombutho wezokuvikela kuleli, amabutho kaZulu, kanye nezikhulu eziphethe iminyango ehlukene kahulumeni kuzwelonke kanye nasesifundazweni saKwaZulu-Natali.
Kusukela kuzwakale izindaba zokudlula emhlabeni kukaShenge kubonakale kuvunguza umoya woxolo kangangoba nalabo abebezama ukufaka izinkulumo ezinohlevane bezama ukuvusa izilonda zakudala ezinkundleni zokuxhumana ngisho nakwabezindaba uqobo bakwazile ukukhuzeka.
Enkonzweni yomgcwabo akubangakhona izinkulumo ezinohlevane kodwa kunalokho zonke izikhulumi beziphakamisa amazwi enduduzuzo emndenini, eqenjini le IFP kanye nakusizwe saKwaButhelezi noZulu wonkana.
Ethula inkulumo yakhe uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa naye ukugcizelele ukubaluleka kokuhlonipha uShenge ngokuthi wonke amaqembu ezepolitiki abeke eceleni ukungaboni ngaso linye kodwa kunalokho aphokophele ukufeza isifiso sakhe sokuthi kubuyiswane ikakhulukazi phakathi kweqembu leANC kanye nele IFP, lokhu okufakazelwe indodana yakhe uShenge uMntwana uZuzifa Buthelezi.
UMengameli wezwe uvalelise uShenge ngomngcwabo osezingeni likahulumeni ngenxa yeqhaza abelibambile kuhulumeni kanye nakwezombusazwe. Kanti uShenge ukhunjulwe kakhulu nangenhlonipho abe nayo ngisho ePhalamende uqobo. Ubengahambisani nezinkulumo ezinohlevane uma kuqhubeka izinkulumo mpikiswano phakathi kwamaqembu ezepolitiki.
UMntwana uZuzifa Buthelezi ugcizelele ukukhumbula izifundo zikaShenge kubona njengomndeni ebafundisa ukuhlala ekwethembeni uMdali babambelele emandleni obuKrestu. Kodwa okuningi akufundile kuShenge ukuhlala eduze kwakhe efunda izindlela ezinhle zokuphila.


