SHEILA MHLONGO
Abe South African Social Security Agency (SASSA) sebekhiphe isimemezelo sokukhuthaza labo abathola izibonelelo zikahulumeni ukuthi imali yabo bayikhipe kuma ATM kanye nasezitolo.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi “
Kunxuswa zonke izakhamizi zaKwaZulu-Natali ezithola izibonelelo zakwaSASSA ezizobe zithola izibonelelo zazo kusukela ngomhla ka-3 Okthoba ukuba zisebenzise ama-ATM nezitolo okubalwa kuzona uBoxer, uPick ń Pay, uSpar, uShoprite no-Usave ukukhipha imali, bangasebenzisi iposi lakwaSouth African Post Office.
Lesimemezelo siza emva kokuthi amagatsha aseposini KwaZulu-Natali asebike ukuthi kungenzeka ashodelwe yimali ngenxa yokubambezeleka kokulethwa kwemali.
Siqhuba isimemezelo sithi, amakhadi akwaSASSA asebenza njengawo wonke amakhadi asebhange futhi angasetshenziswa ukukhipha imali kuma-ATM. Lawa makhadi ayasebenza nokukhipha imali kanjalo nokuthenga ngaphakathi ezitolo.
Amagatsha aseposini KwaZulu-Natali azobe evuliwe futhi esebenza ukwelekelela ngezinye izidingo ezingaphathelene nokukhishwa kwemali, njengokushintsha amaPIN.