Ufike kwamnyama inkundla uBhunu Lepulazi kowe UGu Maskandi Festival

ISITHOMBE : Umculi kaMaskandi ongaconsi phansi kubathandi bomculo uBhunu Lepulazi

NKOSIE NTOMBELA

Umculi osakhula  kwindima kaMaskandi uSphesihle Mthembu ufike kwamnyama inkundla kumcimbi wamaskandi obizwa ngo Ugu Maskandi Festival ngomhlaka 30 September 2023.

Lomcimbi obubanjelwe kwisthabathaba senkundla Ugu Sports and Leisure eGamalakhe lapho abathandi bomculo bevele badideka sekutheleka lensizwa ebikhashwe izithuthuthu nezimoto zilethe yona isizodlala esiteji  kwaze kwacisha nomsindo okuhlalukile esteji uBhunu Leplazi bacime ngisho imbhobho kwasiza ukungenelela konjiniya balisiza leqhawe elifike lashaya ingoma ecokeme kwazise libuye lakhumbuza nabantu ukuthi bangathuki ungumqoqi wezindodo.

Ethintwa iNtatheli yeKZN Namuhla ebikhona emcimbini uBhunu Lepulazi ubonge ukuthi nelakhe igama lize labizwa kulomcimbi omkhulukazi eNingizmu Africa “engakusho nje ngibonga ukuqashwa kulomcimbi wabe esebonga nabahleli ukuthi nelakhe igama balibize okwenzekile njengoba ubuza sesokubeka kumdali ngoba kulendlela esikuyo yomculo ayilula kodwa ngiyabonga kakhulu nakubalandeli engibusiswe ngabo abama nami njalo “

Okuhlalukile kulomcimbi amaciko aziphathe kahle akubanga khona zigigaba zokukwebhana njengoba kuke kwenzeke makuhlangene ezika Maskandi okuyinto enhle ukubona kunobumbano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *