SHEILA MHLONGO
ULungelo Khumalo (20) odume ngelika Da Panisha owenza umculo we Hip Hop ungowokuzalwa eChatsworth, Bayview eThekwini kodwa manje usetholakala e Welbedutch East.
Lensizwa esencane ithi iqale indima yayo yomculo ngonyaka ka 2017 ngokuthi izibhalele yona mathupha izingoma zayo kanti ayibange isabheka emuva kusukela ngaleyonkathi. Khona manjalo yarekhoda umculo wayo nomngani wayo uYanda.
ULungelo uthi ingoma ayenza nomngani wakhe uYanda yabhebhetheka okomlilo wequbula ngoba yafinyelela ezinhlizweni zabantu abaningi lokhu kwabakhuthaza ukuthi baqhubeke babhale baphinde bakhiqize nezinye izingoma nokulapho basungula khona iqembu iBands on My Wrist.
Uthi kamuva useqhubekile wadedela ezinye futhi izingoma kanti kumanje umatasa uphromotha umsebenzi wakhe we EP ebizwa ngokuthi
I M A G I N E, esidonse izihlwele ezinkundleni zokuxhumana ezifana noYoutube and Spotify.
Manje uthi ufisa ukuthi njengoba ekholelwa kuyena uqobo uyacela ukuthi abantu bakholelwe kuyena futhi bamusaphothe nge EP yakhe ukuze adume umhlaba wonke, Kanti angajabula ukuthola imenenja engamsiza ngomsebenzi wakhe aphinde athole noxhaso uma enza imicimbi yakhe.
Umculo wakhe uyatholakala kuma Digital Platforms igama Da Panisha naku YouTube channel Instagram ,Facebook @Da Panisha sitting at 1939 Followers and my email address:ddapanisha@gmail.com