Iqembu leUnited Brothers lethule ngempumelo i-album yalo ethi izinyanga zamanga

NKOSIE NTOMBELA

Iqembu lomculo kaCothoza I United Brothers lethule ngokusemthethweni icwecwe lalo elisha ngomhlaka 14 October 2023 eNkwali Community Hall. Lo Mcimbi ubuphethwe umsakazi u Asanda Mamfundisi kanye no Phunyuka weMbewu.

Le albhamu ebithulwa esihloko  sayo sithi  Izinyanga Zamanga isitholakala nakwizitolo ze internet iphume ngalo usuku umhlaka 14 October 2023.

Ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla uLungelo Ngidi uthe uthokoza kakhulu ngoxhaso aluthole kubantu nakubobonke abasukumile bazoseka lomcimbi weqembu I United Brothers kakhulukazi kwabafake emaphaketheni abo bazoseka iqembu uyabonga kakhulu nakubaculi abaphume ngobuningi babo Kanye nezinhlangano zomphakathi ezisukume zaseka umculo wabo I Institute of Africology yakhona eNkwali kanye ne Papa’s Hope yase Mgababa.

Lo mcimbi obekugcwele ihholo obengomunye wezethameli uNksk Mzimela ophinde wahlonishwa I United Brothers ngesistifiketi uthe “ Ngiyajabula sekuze kwafika losuku okungenza ngijabule lezingane ziziphethe kahle futhi ziyahlonipha ingako ngathi mengifika lendaweni ngazifukamela njengezingane zami okubuhlungu ubaba owezeseka kakhulu akasekho emhlabeni  kodwa ngisami nalo iqembu ngiyabonga ngalesitifiketi esiyipho besengicela abazali bazeseke izingane mezenza izinto ezinhle ngoba izona eziyikusasa lalendawo yase Nkwali”

Khona manjalo kulomcimbi obuhanjelwe nawubuKhosi bendawo besizwe sakwa Hlengwa iNkosi M.N Hlengwa ithe”kuyajabulisa lokhu okwenzeka kulesigodi ngithokoza kakhulu ngifisa leliqembu libe yisibani kwisizwe futhi ngiyayeseka kakhulu I United brothers ngibafisela inhlanhla kuloluhambo lwabo kwindima yomculo siyisizwe sika Mashasha”kuphetha iNkosi M.N Hlengwa.

Kulomcimbi kushiyelane inkundla amaciko  uMadlala kaHerodi, uCheese Wabantwana,Zulu Messengers, Sparks Bantwana, Tyrakeed, Tzozo,Phunyuka,Mshikashika,Abangqongqozi,Abafana Bamasongilo,Abaqoqi,Siluthando Gospel Group,Omama Besigekle,Ezika Nkawu Kanye ne Papa’s Girls.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *