NKOSIE NTOMBELA
Inhlangano engenzi nzuzo I One Voice South Africa yethule ngempumelelo uhlelo lokuqeqesha abantu abasha endaweni yase Phansi Ubuntu Museum eGlenwood eThekwini. Le nhlangano ibizokwethula imisebenzi eyenziwe abantu abasha abasebenzisane nabo kulomkhankaso wayo wokucija nokufundisa ukubaluleka kokuzazi Kanye nokuqonda ipolitiki ibambisene neDemocracy Development Programme (DDP).
Le nhlangano esebenzisana nabafundi abasezindaweni zasemakhaya nabasemakolishi ama TVET kanye nasezokoleni zamabanga aphezulu ithule uhlelo elibizwa nge “Shaping My Future” lapho Abantu abasha bebebhala izinto abafuna ukubayizo kusasa kuhambisama noqeqesho obeluthinta ukubaluleka kokuvota nendlela intando yeningi esebenza ngayo eNingizimu Africa.
Ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla uMandy Chili owengamele ezokuqeqesha nokuxhumana unabe kabanzi ngezifiso zabo beyi One Voice South Africa “siyi One Voice South Africa sibonga abafundi Kanye noThisha ekubambiseneni okuhle nathi njengoba sifisa ukufika kuzozonke izifunda zeKZN sifundise siphinde siqeqeshe njengoba ubona lemibhalo eyenziwe abafundi bezithola ububona besebenzisa ubuciko ngemibhalo nokudweba,okunye sibonga abaxhasi bethu njengoba sesinamanye amakolishi okubalwa I Sayidi FET neNyenyezi nabo asebeyingxenye yethu ngoba okuseqhulwini ukuthuthukisa sigqugquzele abantu abasha ekufundeni nasekuzazini amakhono abanawo kakhulukazi ekuqondeni ezomubusazwe ukuze bakwazi ukuba nezwi elizwakalayo” kuphetha uMandy Chili
Okuhlalukile kulomcimbi bekukhona nabafundi abahlomulile kuloluhlelo.
UScelo Gumede unabe kabanzi ngohlelo abe ingxenye yalo uthe I One Voice imufundise kukhulu empilweni” mina I One Voice South Africa ingifundise lukhulu thina besingazi ukubaluleka kwepolitiki besazi ukuthi nje uma usuvotile kulungile nibeka noma ubani kodwa I One Voice South Africa ingifundise ukubaluleka kwevoti ngoba kumanje ngikwi Youth kodwa eminyakeni eyishumi kobe sekusebenza izinqumo engizithathile ingako siyintsha kubalulekile ukuthi sibambe iqhaza ekuvoteni”.
Khona manjalo nomunye umuntu omusha ohlomulile kulohlelo uThabile Mdluli uthe akufunde kwi One Voice South Africa ukubaluleka kokuzazi ngoba kukusiza kakhulu masuthatha izinqumo ngekusasa lakho wasegcizelela ukuthi abantu abasha kumele baphume ngobuningi babo bayovota ngoba uma ungavoti angeke ukwazi ukusola , wathi ucela abantu abasha baphume ngobuningi babo bayovota.
Uqeqesho lwabantu abasha kwi One Voice South Africa lungamelwe inhlangano I Democracy Development Programme okuyinhlangano ebhekele ukusebenza kwentando yeningi eNingizimu Africa.