![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/10/Untitled-14.jpg)
NKOSIE NTOMBELA
UNksz uLumkile Mzizi (26) owabe engumfundi waseSizibeni Comprehensive High School esingaphansi kobukhosi besizwe saseMnini obengezinye zezikhulumi eziqavile enkonzweni womkhuleko wabafundi besizwe saseMathulini.
Ethula inkulumo uchaze kabanzi ngeqhaza eladlalwa umkhulu wakhe ongasekho ubaba Mzizi owaziwayo endaweni njengesishoshovu sezepolitiki.
“Kuyangithokozisa ukuthi ngimenywe ukuzokhuluma nabafundi khona lana endaweni engikhulele kuyo futhi engingakusho nje naku ekumele nikuqaphele masenibheke empumelelweni bhekani uhlobo lwabangani ngoba izinto eziningi zimosheka lapha kubangani njengoba mina ngakhuliswa umkhulu ongasekho owaziwayo endaweni ehlezi engitshela ngokubaluleka kwemfundo kumuntu omusha, ngasosonke isikhathi ngahlezi ngizikhandla ngomsebewnzi wami ukuze kujabule umkhulu okuyimanje langikhona ngilwela ukuthi nalapho ekhona athokoze uma ebona indlela engizinikela ngayo kwezemfundo, Bafundi izinto ezinhle nizozithola kodwa asiqaleni sishitshe umlando wemindeni yethu njengoba mina manje ngikwazile ukufunda ngo NFSAS nawo obuye ubenenkinga kodwa ngaqhubeka ngine Masters in Economics ngiphinde ngisebenze njenge Lecture khona eUKZN kodwa uma ubheka isimo sakithi akekho owayazi kojika izinto kodwa kuqale kimina nawe kusengaqala ngawe ukushintsha isimo somlando wakini” kuphetha uLumkile Mzizi
Le ntokazi ibuye yathi yona izimisele ukubasiza bonke abafundi abebekhona ekubafukuleni kakhulukazi ekungeneni eNyuvesi njengoba eyingane yendawo uvule izandla ekululeni isandla ababheke nakwinkundla zakhe zokuxhumana lapho echaza khona wenzakakanjani ukubhalisa ngo CAO nokuthola imifundaze uma uphase kahle.