![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/10/UHLABISA-UPHIKA-UQHEKEKO-EQENJINI-LENKATHA.PIC-1.jpg)
NKOSIE NTOMBELA
Inkatha Freedom Party ibambe isithangami sabezindaba eThekwini ngomhlaka 20 Okthoba 2023,ngenhloso yokuzocacisa kabanzi ngezinhlelo zokhetho luka 2024.
UMengameli walo iqembu le-IFP uMnu. Velenkosini Hlabisa uyena obehola isigungu esiphezulu, kanti uthe ukuya kwakhe ephalamende eKapa kuyingxenye “yoguquko lobuholi obushelelayo.”
I IFP iphinde yaveza ukuthi izoba nochungechunge lwezinkonzo zezikhumbuzo zokuhlonipha uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho ongumsunguli weqembu. Inkonzo yesikhumbuzo yaseKZN izoba sePrincess Magogo Stadium KwaMashu, eThekwini
UMnuz Velenkosini Hlabisa uthi uqhekeko eqenjini alunandawo uphinde waphika izinsolo zokuthi yena uxabene noMnuz Thami Ntuli onguSihlalo wale nhlangano esifundazweni eKZN.
UHlabisa uthe bazoqapha izinto ezenziwa amalungu abo ezinkundleni zokuxhumana, wathi noma ubani ohlwanyela ukwahlukana uzothathelwa izinyathelo, uphinde wezwakalisa nokuthi beyiqembu abakaze bakhulume ngodaba lukaNdunankulu waseKZN.