UMnyango uzichithile izinsolo zowayengumsakazi woKhozi FM

ULinda “Mr Magic”Sibiya noFloyd Shivambu we EFF

NKOSIE NTOMBELA

Abomnyango wezeMidlalo nokuCiko namaSiko Kwa Zulu Natali bacacise kabanzi ngezinsolo ezishiwo owayengumsakazi woKhozi FM uLinda “Mr Magic” Sibiya zokuthi lomnyango awuwunakekeli umkhakha wezobuciko esifundazweni.

ULinda Sibiya olaxaze i-ANC wajoyina i-EFF muva nje uthi uMnyango awubanaki abaculi futhi labo abalokotha bakhale bayavalwa esho kwivideo ekuzozonke inkundla zokuxhumama. 

Uziphendulela uMnyango uthi uSibiya, esebenzisa inkampani i-TK Magic wathola izigidi zoxhaso kuyo. Ngaphezu kwalokho umnyango uthe  ngo-2017 kwafakwa imali engu-R4 million enkampanini kaSibiya ukuze kube nohlelo lokuhlomulisa abaculi futhi inkampani yakhe “yaphambana” nezibopho zayo kodwa usazokulungisa lokho kucacisa abomnyango .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *