ISAPS ithi angeke ibaqashe abantu ababhalwe ama Tattoo

SHEILA MHLONGO

Abombutho wamaPhoyisa eNingizimu Afrika (SAPS) bathi bamile kwelokuthi angeke baqashe muntu odwebe iTatoo emzimbeni wakhe. Lokhu kuza emva kokuthi kumiswe isikhangiso ebesifakwe kwibhuku leGovernment Gazette.

Ngokusho kodaba olucashunwe kwiphephandaba lesilungu iBusiness Day iNyunyana yamaphoyisa iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithe yona ibingakaze yaziswe ngalomgomo  omusha, kodwa umbutho wona uthi lomgomo uzoqhubeka usebenze noma kunjalo.

UMbutho wamaPhoyisa uzwakalise ukuthi ube nesidingo sokubhekisisa kabusha udaba lomgomo omayelana nalabo abafaka izicelo zomsebenzi ezingeni lobu constable lapho kubhekwa ubuzwe kwalowo ofaka isicelo, umdwebo emzimbeni (tattoo) kanye neminyaka.

Uqhuba umbiko uthi aboMbutho wamaPhoyisa bathi umgomo wabo womdwebo weTatoo wona uzolokhu umile ngoba uyinto engabukeka ingenaso isithunzi kumuntu oyiphoyisa ikakhulukazi ngoba lomdwebo uyamaniswa nabantu abafana neziboshwa, izigebengu kanye nabantu bezithuthuthu, okungakho umbuso ungeke ukwazi ukuvumela ukulahleka kwesithunzi somsebenzi wamaphoyisa emphakathini.

Okunye okufakwe kulomgomo udaba lokuthi kwenyuswe iminyaka yobudala  yabafaka izicelo ibe ku 39, kuphinde kube abantu abadabuka kuleli kuphela abathola ukuqashwa, kodwa inyunyana izwakalisa ukungeneliseki ngoba ithi ayikaze inikwe ithuba lokuphawula kukho konke lokhu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *