Lizoqhubeka nokusebenza ikhadi lakwaSASSA nangemuva kwenyanga kaDisemba

AbePostbank sebekhiphe isimemezelo sokuthi lisazoqhubeka lisebenze ikhadi eliGold lakwa South African Social Security Agency (SASSA) ngisho nango Disemba kuze kweqele ngalena kwawo . Lokhu okusho ukuthi abahlomula izibonelelo zikahulumeni bayokwazi ukulisebenzisa ngaphandle kwenkinga. Izindaba ezinhle ezokuthi abantu angeke badinge ukuthi balishintshe.

Ukuhola ngalelikhadi eliGold sekukwazile ukuhlomulisa abantu iminyaka eminingi ikakhulukazi labo abasezindaweni zasemakhaya lapho kungekho izikhungo zamabhange ezanele.

“Ukunikeza isiqinisekiso sokuthi iSASSA Gold Card iyosebenza kuze kube uDisemba kuze kube ngalena kwezinye izinyanga ikona okusemqoka kakhulu  okuqhakambisa ukuzibophezela kwe Postbank  ekuqinisekiseni ukuthi siletha usizo olusezingeni kubantu abadingayo”.  Kusho  uDktl.  Bongani Diako

UDktl Diako ube esexwayisa abantu abasebenzisa iGold Card ukuthi bangalokothi bavume ukukhohliswa amaqola noma izitolo  ukuthi bashintshelwe  amakhadi abo  wathi iPostbank iyona kuphela egunyazwe ukuthi ishintshe iGold Card.

UDktl. Diako uphinde waxwayisa abasebenzisa iGold Card ukuthi bangavumi ukuphoqwa izitolo ukuthi bathenge ngenkani noma bengafuni wathi banelungelo lokuthola imihlomula yabo iphelele ngaphandle kokuthenga impahla esitolo, wathi kumele babike uma behlangabezana nenkinga yokuphoqwa ukuthi bathenge ngenkani.

Ongakuzuza ngokuba neGold Card  ukuthi ukwazi ukukhipha  imali yakho ezitolo ezifana no Boxer, Shoprite, Pick n Pay kanye neUSave. Lokhu okwenza izinto zibe lula ngoba asikho isidingo sokuma emigqeni emide yase Postbank.

Kanti okunye uyakwazi ukukhopha ukheshi ezitolo ngaphandle  kwamaCharges, mahhala uthola isitatimende sezinyanga ezintathu kanye nolwazi ngemali onayo , nemali uyithola yonke kungekho ebanjwayo.SAnews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *