UNgqongqoshe uGwede Mantashe umemezele izindaba ezimnandi kubashayeli bezimoto.

ISITHOMBE:uNgqonqgoshe Wezamandla Nezamandla uMnu Gwede Mantsashe

UNgqongqoshe Wezamandla Nezimayini, uMnuz Gwede Mantashe, umemezele izindaba ezinhle zokwehla kukaphethroli.Lezindaba uzethule kwabezindaba lapho ekade ethula khona inkulumo njengoba kuphele  inyanga yezokuthutha eNingizimu Africa u Okthoba ohlonzwa njengenyanga yezokuthutha.

Lezi zinguquko ziqale ukusebenza ngomhla ka-1 Novemba 2023 futhi zimi kanje:-

  • Uphethiloli uzokwehla ngo-R1.78c ilitha.
  • Udizili uzokwehla ngo-82c kanye no-85c ilitha.
  • Upharafini uzokwehla ngo-97c ilitha.
  • I-LP Gas izonyuka ngo-R1,30c ikhilo ngalinye.

Lokhu kuza nezindaba ezinhle kubanikazi bezimoto njengoba bezokwazi ukonga kulesi sikhathi esibi somnotho eNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *