Abahleli bomcimbi wama SAMA sebezwakalise ukudumala ngesimemezelo sokumiswa kwalomcimbi

SHEILA MHLONGO

Inhlangano iRecording Industry of South Africa (RiSA) okuyiyo engabahleli bomcimbi owaziwa nge South African Music Awards (SAMA) isizwakalise ukudumala kwayo mayelana nesimemezelo sokumiswa kwalomcimbi esenziwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha, kanye nezeMvelo, KwaZulu-Natali  uMnu. Siboniso Duma.

Esitatimendeni esithunyelelwe kwabezindaba sivela kwi RiSA sithi” Sizizwa sidumele kakhulu ukuzwa izindaba ezibuhlungu zokubhuntsha kwalomcimbi obaluleke kangaka kakhulukazi ngenxa yokuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natali umane wathatha isinqumo sokulaxaza phansi uxhaso lweSAMA29”. kusho isitatimende.

Isitatimende siqhuba sithi ukubhuntsha kwama, SAMA abeseneminyaka engu-29 abakhona, kuholele ekutheni kulahleke amathuba omnotho esifundazweni emkhakheni wezokuVakasha, izitolo, ezokuthutha kanye namathuba omsebenzi endimeni yobuCiko.

Lomcimbi ubuzodala amathuba emsebenzi engaphezu kuka 150 kanye nakumaCiko abalelwa ku 100 abezonandisa kuwo, okuhlanganisa labo abaqokiwe, abavela kuzwelonke,nasezifundazweni.Kanti bekuzoba nezindawo zobumnandi lapho abantu bebezozidelisa khona bebukela lomcimbi omkhulukazi.

Kubhuntsha lomcimbi nje abahleli bawo bese besezinhlelweni zokubekisa izindawo zokulala emahhotela ehlukene kusukela ngomhlaka 12-20 Novemba 2023, Lamahhotela nawo ebezozuza amakhasimende abalelwa ku 3,300- 4000 wamaCiko kanye nezethameli zomcimbi ebezizobe zivela ezweni lonke.

Isitatimende siphetha ngokuthi lowo onguMphathi Jikelele wama RiSA , ubonge kakhulu zonke izinhlaka ezithintekayo emkhakheni wezobumnandi nobuCiko kanye nabaxhasi abalokhu behubeke njalo nokweseka lomcimbi.

Khona manjalo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali uMnu Siboniso Duma ukhiphe isimemezelo lapho eveze khona ukuthi isinqumo sokumiswa kwalomncimbi sithathwe emva kwezingxoxo zokubonisana ababe nazo beyisigungu esiphezulu kuHulumeni ngenxa yokuthi kubonakale kunezinye izinto ezimqoka ezidinga imali.

“Njengoba ngengamele isigungu esiphezulu emva kwezingxoxo zokubonisana naso kanye nezinye izinhlaka ezithintekayo, ngibe sengithatha isinqumo sokuthi ngiyalele uMnyango ukuthi ukumiswe ukusingathwa kwalomcimbi wamaSAMA”. kusho uNgqongqoshe uDuma.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *