SHEILA MHLONGO
Iziqwe Productions, inkampani eyenza imicimbi yezinto ezehlukahlukene kwezasesiteji kanye nemisebenzi yezandla, ezinze KwaZulu-Natali. Kanti izobe ibophele izingwazi emcimbini we Mbokodo Festival ozobe ubanjelwe Ethekwini Community Church esenkabeni yedolobha kuSmith Street osuwaziwa nge Anton Lembede, ngoMgqibelo womhlaka 2 Disemba, 2023, kusukela ngehora lesithupha (6:00) ntambama.
Ekhuluma nephephandaba iKZN Namuhla, uNksz Mpume Mnyawe uthe inhloso enkulu ngale Festival yezimbokodo, ukuthi iphakamise amakhono,iphinde iqhakambise negalelo labesimame kulomkhakha kanye nokubonisa inhlonipho kwabesifazane. Kuzobe kuboshelwe osaziwayo bodwa ukuletha umculo wesintu nowokholo.
Eqhuba uNksz Mpume Mnyawe uthe abantu baseKZN bazobhema bakholwe njengoba kuzobe kuboshelwe osaziwayo endimeni yezomculo okubalwa u Dr. Buselaphi, Dr. Zee Fola, Thobekile, Fikile Mlomo kanye noVumile Mngoma. Uhlelo luyobe luphethwe iNdlovukazi uMapule Mchunu, we iNanda FM.
Amathikithi aseyatholakala e web tickets, ngo R200.00. UMpume uthe ukhuthaza abantu ukuthi beze ngobuningi babo njengoba uhlelelwe endaweni esobala nephakathi nendawo lapho kulula ukufinyelela kuyo kwabahamba ngezinyawo kanye nezimoto.
Ezinye ezimnandi abahleli bomcimbi bebambisene ne phephandaba lomphakathi iKZN Namuhla bakhiphe umncintiswano lapho abantu bengazititilizela amathikithi mahhala ngokuthi bavakashele ikhasi layo iKZN Community Newspaper bafike bashiye imininingwane yabo kwin Inbox okuyi gama nesibongo kanye nenombolo abangathintwa kuyona , bese becindezela uLIKE kanye noSHARE bedlulisele kubantu abasukela ku20 kuya phezulu ukuze nabo bangaphuthelwa ilelithuba lokuyozibonela idili lomculo.
Ngeminye imininingwane abantu bangathintana noKhethabahle Mthethwa kulenamba: 072 028 6662