SHEILA MHLONGO
Babalelwa ku 60 oMasipala abakweleta inkampani yakwaEskom ngogesi asebefake isicelo sokubonelelwa ngezikweletu zabo. Lokhu kudalulwe uNgqongqoshe wezeziMali kuleli uMnu Enoch Godongwane ngesikhathi ethula isitatimende saphakathi nonyaka seSabelomali ePhalamende ngoLwesithathu olwedlule.
Ngenyanga kaOkthoba 2023 zibalelwa ku 60 izicelo zezibonelelo zezikwelethu ezidluliselwe kuEskom zesamba esingu R56.8 billion wamarandi okuyisikweletu esethulwe ekupheleni kwenyanga ka Mashi 2023. Kanti kulezicelo zibalelwa ku 28 izicelo ezivunyiwe ezinye zisacutshungulwa.Lokhu kuza emuva kokuthi loluhlelo lwamenyezelwa ekuqaleni kwalonyaka ukuthi kusizwe omasipala abasenkingeni zokukhokhela izikweletu zikagesi.
Lezikweletu kunohlelo lokuthi zigcine zesuliwe esikhathini seminyaka emithathu inqobo nje uma omasipala bekhombisa ukulungisa indlela abaphatha ngayo izimali baphinde baqoqe ngendlela izimali zikagesi, lokhu kuyokwenzeka ngokubambisana noHulumeni kazwelonke.
Inhloso ngqangi yaloluhlelo lokusiza omasipala ukuthi lubacije ukuthi bakwazi ukuthola izindlela zokungenisa imali ngendlela yokuthi bavuselele isiko lokukhokhela izikweletu zabo ngendlela efanele futhi benze ngcono ezokuphatha izimali zabo.SANews.gov.za