Iqembu iSekhukhune United isimzingele yamthola umqeqeshu uMnu Seema
Iqembu isekhukhune isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa komqemqeshi walo omusha uMnu Lehlohonolo Seema
Iqembu isekhukhune isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa komqemqeshi walo omusha uMnu Lehlohonolo Seema
Ikilabhu yebhola likanobhutshuzwayo i-Richard’s bay isizwakalise ukukhathazeka kwayo okukhululu mayelana nesenzo sokuziphatha kwamaqembu athile kwi Premier Soccer League kanye namaligi ezwekazi lase-Afrika ngokukhuluma nonozinto wabo uSalim Magoola.
NgoMgqibelo womhlaka 18 Novemba 2023 kusihlwa ebusuku amaCiko asafufusa akhubazekile ebeshiyelana inkundla namaCiko asemkatshubomvu endimeni yezomculo ngesikhathi kuqhubeka umcimbi owaziwa nge ‘We Can Arts Festival’ ePlayhouse Theatre eThekwini, nobekungeyesishagalolunye (9) selokhu yasungulwa
Vuka, ugeze, ubangene! Lesi bekuyisiqubulo se seqembu leDA liholwa uMengameli walo uMnu Leader John Steenhuisen ehambisana nalowo ogaqele isikhundla sokuba uNdunankulu KwaZulu-Natali uMnu Chris Pappas, ekanye nabanye abaholi balenhlangano kanti bebegasele esifundazweni saKwaZulu-Natali. Bakhuthaze ukuthi abantu babhalise online ukuze bagweme imigqa emide.https://check.da.org.za
#PowerToTheRegistered
Ubuholi obuphezulu beqembu le-ANC buhlangene nobaKwaZulu-Natali buqhube umkhankaso wokukhuthaza abavoti ukuthi babhalisele ukuvotela ukhetho lwangonyaka ka 2024. Esithombeni uMnu Gwede Mantashe onguSihlalo weANC kuzwelonke ekanye noSihlalo we ANC KwaZulu-Natali uMnu Sboniso Duma bekanye nabanye abaholi bahambele eMandeni.
UMasipala weTheku usekhiphe isitatimende esinxusa ukuthi izakhamizi ezisemuva ngezikweletu zokukhokhela izinsiza zazo zifake isicelo sokubonelelwa okuwuhlelo olubizwa nge Debt Relief ngaphambi kokuphela kwalonyaka ka 2023
UPhiko lwezeMpilo kuMasipala weTheku lihambisana nezinhlanka ezahlukene liphume umkhankaso lihambela izitolo ezisaPinetown kanye nase Bambayi ngenhloso yokuhlola ukuthi ingabe imigomo yokuphathwa kokudla kanye neyezokuphepha iyalandelwa yini.
Sekukhishwe isexwayiso sokuqaphelisa umphakathi ngezinto ezidliwayo ezithengwa ezipaza kanye nasemgwaqeni. Lokhu kuza emuva kokwanda kwezigameko zokushona kwezingane kwathi inqwaba yazo izingane yangeniswa ezibhedlela ngenxa yokudla ukudla okuphelelwe isikhathi noma okuwumbombayi.
Babalelwa ku 60 oMasipala abakweleta inkampani yakwaEskom ngogesi asebefake isicelo sokubonelelwa ngezikweletu zabo. Lokhu kudalulwe uNgqongqoshe wezeziMali kuleli uMnu Enoch Godongwane ngesikhathi ethula isitatimende saphakathi nonyaka seSabelomali ePhalamende ngoLwesithathu olwedlule.