I-ANC ihalalisele uZuma ngokuqokelwa esikhundleni sokuba uSihlalo weSANCO

UMnu Jacob Gedle’eyihlekisa Zuma oqokelwe esikhundleni sokuba uSihlalo weSANCO

SHEILA MHLONGO

Iqembu le-ANC KwaZulu-Natali selikhiphe isitatimende lapho lizwakalisa ukuhalalisela lowo owabe enguMengameli wakuleli uMnu Jacob Zuma ngokuqokelwa kwakhe esikhundleni sokuba uSihlalo we SANCO KwaZulu-Natali.

Iqembu leANC KwaZulu-Natali lihalalisela amadlela ndawonye alo okuyi South African National Civic Organisation, ngokusingatha ngempumelelo iNgqungquthela yalo yokukhetha ubuholi. “Siyazihlonipha kakhulu izithunywa ebezihlangene e Durban University of Technology ngoMsombuluko womhlaka 19 Novemba ngeqhaza lazo lokuzimisela ukwakha kabusha iSANCO”. Kusho isitatimende.

Iqembu leANC libe seliqinisekisa ukuzimisela kwalo ukuthi lizosebenzisana nobuholi obuqokiwe be SANCO ukuqisekisa ukuthi kudalwe amathuba emsebenzi, ukwakhela abantu izindlu kanye nezinye izingqalasizinda zokushintsha izimpilo zabantu.

Siqhuba  isitatimende sithe siyakwamukela ukuqokwa kuka Mnu Jacob Zuma njengoSihlalo we SANCO esifundazweni, “Asingabazi ukuthi uNxamalala uzokwenza konke okusemandleni ukuhola kanye nokwenza ngcono izimpilo zabantu kuwowonke amagumbi esifundazwe, futhi siyazi ukuthi uMsholozi uzokwazi ukusiza ukuvala igebe elikhona phakathi kwabampofu kanye nabacebile

Njengomholi wenhlangano owuqonda kahle kamhlophe umlando kanye nomgomo weSANCO, asingabazi nakancane ukuthi uzokwazi ukuhlanganisa izinhlangano ukuze zifeze umgomo owodwa wokwakha impilo engcono emphakathini. Futhi uzokwazi nokuqinisa ubudlelwane phakathi kwabaholi abafana namakhosi, abaholi bezenkolo kanye nezinhlangano ezimele imiphakathi.

Ubuholi obukhethiwe bumi kanjena:

1. Provincial Chairperson – Cde Jacob Zuma

2. Deputy Provincial Chairperson – Cde Lawrence Dube

3. Provincial Secretary – Cde Sizwe Cele

4. Deputy Provincial Secretary – Cde Lucky Hadebe

5. Provincial Treasurer – Cde Sabatha Mzimela

6. Provincial Organiser – Cde Dr Mduduzi Hlatshwayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *