Iqembu le Richard’s Bay lizwakalise ukungenami ngesenzo samaqembu athize

Iqembu leRichards Bay football Club idlala ne TS Galaxy -Isithombe sithathwe kwFacebook page yeqembu

Ikilabhu yebhola likanobhutshuzwayo i-Richard’s bay isizwakalise ukukhathazeka kwayo  okukhululu mayelana nesenzo  sokuziphatha kwamaqembu athile kwi Premier Soccer League kanye namaligi ezwekazi lase-Afrika ngokukhuluma nonozinto wabo uSalim Magoola.

“Njengeqembu  lokhu sikubheka njengokungahloniphi nokungaziphathi kahle kwala makiblu.USalim Magoola usengumgadli  weqembu   leRichard’s bay onenkontileka ende. Amakilabhu azi kahle kamhlophe ukuthi uma unesifiso sokuthola umdlali ukuthi imiphi imigudu okumele ilandelwe , futhi lokhu  akumele kwenziwe ngezinkundla zokuxhumana noma nomdlali othintekayo.

Ikilabhu ithi ithanda  ukucela labo abenza lokhu kungaziphathi kahle ukuthi bayeke noma balandele imigudu efanele,  njengoba lokhu sikuthatha njengetulo elinzima ngokumelene neqembu lebhola l I Richard’s bay”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *