SHEILA MHLONGO
Sekukhishwe isexwayiso sokuqaphelisa umphakathi ngezinto ezidliwayo ezithengwa ezipaza kanye nasemgwaqeni. Lokhu kuza emuva kokwanda kwezigameko zokushona kwezingane kwathi inqwaba yazo izingane yangeniswa ezibhedlela ngenxa yokudla ukudla okuphelelwe isikhathi noma okuwumbombayi.
Zibalelwa kweziyisithupha izingane ezishonile ezweni lonke ngenxa yokuthenga ukudla okungalungile. Kanti uPhiko lwezeMpilo kuMkhandlu dolobha waseKuruhuleni usuqinise umkhankaso wokuhlola ukudla okudayisa kwizipaza kanye nasezindaweni eziphatha ukudla ukuze uqinisekise ukuphepha kanye nenhlanzeko.
Abantu bayakhuthazwa ukuthi bathenge ukudla ezindaweni ezigunyaziwe futhi ezinezitifiketi ezitholakala emva kokuthi indawo isihloliwe yatholakala ukuthi ikulungele ukuphatha ukudla ngokwemigomo ebekiwe.
Abantu kumele baqaphele izimpawu ezilandelayo ezikhombisa ukuthi ukudla kusakulungele ukuthi kudliwe:
Usuku ukusuke kusalungele ukuthi kudliwe ngalo (Best Before noma Best Before End)lokhu kuchaza isikhathi esifanele ukuthi kusengadayiswa futhi kudliwe ukudla.
Kumele kuqashelwe nombhalo othi “Sell By Date” okusho isikhathi esifanele ukuthi ukudla kube sekudayiswe ngaso okuyisixwayiso sokuthi kumele kususwe emashalofini uma sekwedlule usuku lwe “Sell by Date”SAnews.gov.za