SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku usekhiphe isitatimende esinxusa ukuthi izakhamizi ezisemuva ngezikweletu zokukhokhela izinsiza zazo zifake isicelo sokubonelelwa okuwuhlelo olubizwa nge Debt Relief ngaphambi kokuphela kwalonyaka ka 2023
Isitatimende siqhuba sithi uMkhandlu weTheku usanda kuvuselela kabusha loluhlelo lwe Debt Relief ngenhloso yokusiza izakhamizi ezisenkingeni yokwehluleka ukukhokhela izinsiza zikaMasipala. Loluhlelo lunikeza abakweletayo ithuba lokuthi bakhokhe kancane kancane isikhathi esiyizinyanga ezingamashumi amathathu nesithupha (36)
Loluhlelo lwe Debt Relief luzophela ngomhlaka 31 Disemba 2023, okungakho abakweletayo kumele bathathe lelithuba kungaze kufike isikhathi sokuvalwa kwalo.
Amakhasimende azothola ukusizakala ilawo anamabhizinisi kanye nasezindlini kodwa isikweletu kumele sibe nezinyanga ezintathu noma ngaphezulu sikhona. Ukuze amakhasimende angene kuloluhlelo kuyomele akhokhe phambili imali eyidiphozi engamaphesenti angu 5 kwabasezindlini kube amaphesenti awu-10, kwabanamabhizinisi.
“Kanti izindaba ezinhle ezokuthi amakhasimende ayosayinda isivumelwano senkokhelo yesikwelethu bese kwesulwa yonke inzalo yesikweletu”. Kusho Lihle Ndzelu oyiNhloko yoPhiko lokuqoqwa kwezimali zeDolobha.
UNdzelu uqhube wathi amakhasimende azonikezwa isikhathi esiyizinyanga ezingu-36 ukuthi akhokhe sonke isikweletu njengokwesivumelwano, angalokothi akhokhe imali engaphansi kwaleyo okuvunyelwene ngayo noma kube nezinyanga ezingakhokhelwa, ngoba lokho koba nomphumela wokuthi kubuyiswe yonke inzalo ebese yesuliwe.
Loluhlelo lokubonelelwa ngezikweletu lufaka ngisho izinhlangano ezingenzi inzuzo (NGO’s) okuhlanganisa izikhungo ezihlala abantu abadala, abantu abakhubazekile, izibhedlela zabagula ngokomqondo, kanye nezinkulisa zabantwana.
Lezizikhungo zona ziyothola isaphulelo samaphesenti angu 50 esikweletini sazo uma sezingene kwisivumelwano senkokhelo. Kodwa azivunyelwe ukuthi zitholakale sezehluleka futhi ukukhokhela izinsiza zazo esikhathini esiyizinyanga ezingu-12 emva kokuqeda isikweletu.
“UMasipala uyayiqonda inkinga yesimo sezimali esibhekene nezakhamizi, Nathi njengoMkhandlu onakekelayo senza konke okusemandleni ukwethula amakhasimende ethu umthwalo”. Kusho uNdzelu.
Ukwazi kabanzi ngeminye imininigwane emayelana nohlelo lwe Debt Relief amakhasimende angavakashela isikhungo iSizakala esiseduze ukuze athole amaphepha okufaka izicelo.-SAnews.gov.za