SHEILA MHLONGO
UPhiko lwezeMpilo kuMasipala weTheku lihambisana nezinhlanka ezahlukene liphume umkhankaso lihambela izitolo ezisaPinetown kanye nase Bambayi ngenhloso yokuhlola ukuthi ingabe imigomo yokuphathwa kokudla kanye neyezokuphepha iyalandelwa yini.
Lomkhankaso uholele ekutheni kuvalwe esinye sezitolo esisePinetown ngenxa yokungabi naso isitifiketi esiqinisekisa amazinga okusebenza amukelekile esifuneka ezindaweni ezisebenza ngokudla. Amaphoyisa kaMasipala ashaqe ukudla okwedlulelwe yisikhathi nobekungekho esimweni esifanele okutholakale ezitolo eziningi.
Abasebenzi boPhiko lwezeMpilo besebenzisana namaphoyisa akwaSouth African Police Service, uMnyango wezabaSebenzi, amaphoyisa kaMasipala, abezicishamlilo, nezinye izinhlaka eziningi kulo mkhankaso wokuqinisekisa ukulandelwa kwemithetho.
Lomkhankaso unconywe nangumlandeli wekhasi like Faceook woMkhandlu ozwakalise ukuthi umbono wakhe
“Siyabonga kuMasipala weTheku ngalo mkhankhaso onohlonze kakhulu. Siyacela umasapila uke ubheke ukuthi ayikho yin indlela ongakwazi ukubuyisa isithunzi samaDholobha noma seDolobha iTheku, hlampe kubekwe umthetho ovimba izitolo ukukhangisa ngezimaphla ngokulengiswa amawindini ngokunjalo nalabo abahlezi emadolobheni bashayelwe umthetho wokunganeki emawindini loku kweshlisa isithunzi sedolobha kakhulu” .