Kunxuswa abantu  ukuthi  bahloniphe amalungelo alabo abakhubazekile

SHEILA MHLONGO

.UNgqongqoshe obhekele Abesifazane, Intsha  abantu abakhubazekile,uDktl Nkosazane Dlamini-Zuma, usememe abantu bakuleli okuhlanganisa izinhlangano zomphakathi ezahlukene ukuthi babambe iqhaza lokuqwashisa mayelana nokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abantu abakhubazekile.

“Ukubungazwa kwenyanga yabaKhubazekile kusinikeza ithuba lokuthi sisuse yonke imigoqo yezinkolelo ezingalungile siphinde sithuthukise izinga lempilo kubantu abakhubazekile ngokuthi senze ngcono izimo zezindawo abaphila kuzo”.Kusho uDlamini Zuma.

Eqhuba uDlamini-Zuma uthe abantu abakhubazekile akumele bacwaswe noma baphucwe amalungelo abo ngenxa nje yokuthi bekhubazekile, wathi futhi ngisho noMgomo we National Disability Rights ohambisana noMhlahlandlela kazwelonke kahulumeni uyakucacisa ukuthi kumele kuthuthukiswe kuphinde kuvulelwe abantu abakhubazekile  amathuba omnotho kanye nawomsebenzi.

“Njengoba abantu abakhubazekile beqhubeka bengaqashiwe ngenxa yokuswela amathuba kubalulekile ukuthi sikhuthaze siphinde seseke ukuthuthukiswa kwabo ngokomnotho, ukuze nabo bakwazi ukusimama”.kugcizelela uDlamini Zuma. Oqhube wa ngisho nekhabhinethi seliphasisile umgomo wokuthi kukhushulwe izinga  lokuqashwa kwabantu abakhubazekile ngamaphesenti angu 7.

UDlamini Zuma ubalule ukuthi ziningi izinhlobo zokukhubazeka ezikhona kubantu okungaba ngokomqondo, okomzimba, ngokomoya kanye nokunye kanti abanye abantu bazalwa nakho kuthi abanye kubathole empilweni yabo okungenzeka kube okwesikhashana noma kube okwempilo yonke yomuntu. SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *