USanelisiwe Radebe (38) okhubazekile ohamba ngesihlalo esinamasondo, ohlala eSouth Beach, kuyena inyanga yokuhlonipha amalungelo abakhubazekile iyazifanela njena nezinye izikhathi. Uthi angathanda ukubona umphakathi ongakhubazekile ubeseka kodwa futhi ubahloniphe ungabadabukeli.
Uhulumeni kungakuhle ukuthi alalele izikhalo zabo mayelana nezidingo ezifana nokwakha amabhilidi anezinto ezikwazi ukuthi bangene kalula kuzona njengoba bekhubazekile ngokwehlukana kwabo.
Ephetha uthi ukukhubazeka akusona isifo futhi akuthelelani, ngakho abantu abahlukane nokubacwasa kodwa babeseke. Sanelisiwe Radebe Contacts: 082 577 6330

