UZingisa Mahlathi ubonga umphakathi ngokumeseka nokukholelwa kuye

Minenhle Mhlongo

UZingisa Mahlathi owaziwa ngelika Nickyzee owazalelwa e Butterworth Eastern Cape wabe esekhulela endaweni yase Capetown nokuyilapho othole khona ugqozi loku rap ngenxa yokuthi abantu abaningi ababeseduze naye bebenza loluhlobo lomculo. UZingisa ongum’Rapper  aphinde abe umbhali wezingoma odume ngokuba iQueen of rap .Uqale ukucula eyinxenye yeqembu  ngo 2013   ukubala amaciko aseke wasebenza nawo u Nqikility ,Mankatheni nabanye abaningi ube esethatha isinqumo sokucula yedwa nokuyilapha enze khona amacwephe adla abhedu angagcini lapho aphinde amuklomelisa ngezindondo .Leliciko  selibhale izingoma  eziningi ezishisa izikhotha kubalwa kuzo Unobathana cypher    eyenza kahle ngenxa yokwahluka kwayo, Uphinde wathola ithuba lokuba inxusa le brand I ‘”All eyes on me “ kanti futhi usanda kukhipha icwecwe esebenzisana no Mateza nelenza kahle kuma Downloads. Lentokazi yenza kahle kakhulu kulendima kangangokuba isizithole ishiyelana inkundla nezinqwele emculweni okubalwa kuzo u Ifina,Fhashkumkani Kidoe nabanye  kanti akagcinanga lapho uphinde  wazitholela  ithuba  lovakashela imisakazo ehlukene okubalwa kuyo Radio Zibonele FM ,BCR FM kanye ne Mpako FM”ngifisa ukubuyesela okuhle emphakathini ukubonga uxhaso engilutholayo selokhu ngaqala” Zingisa  uyatholakala  ezinkundleni zokuxhumana  @https://www.facebook.com/NickYzeeQueenYamakhulu  http://tiktok.com/@nickyzeebosslady inombolo yocingo 0724903858

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *