Siyiphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla sithanda ukwedlulisa umyalezo wezilokotho zokuphela konyaka. Sifisa ukusho ukuthi nakuba bezikhona izingqinamba kulonyaka ka2023 emsebenzini wethu wabezindaba kodwa siyabonga ngoba size sawuphetha ngempumelelo lonyaka.
Siyafisa futhi ukubonga bonke ebesibambisene nabo kukho konke ebesikwenza ikakhulukazi amakhasimende ethu abe elokhu esixhasa efaka izikhangiso kwiphephandaba lethu ukuze likwazi ukuqhubeka liye phambili.
Siyabonga futhi nakumphakathi wonkana ngokuseseka nokuba nentshisekelo yokufunda iphephandaba lethu ngisho nasezinkundleni zokuxhumana, Ukusilandela ezinkundleni zokuxhumana bekusho lukhulu ngoba lokho kwenza iphephandaba lidonse abanye abangaba abaxhasi ngenxa yokubona iningi labalandeli bekhasi.
Siyafisa ukusho ukuthi sesifike emaphethelweni onyaka ka 2023 njengoba sivala amahhovisi ethu ngoLwesithathu oluzayo lomhlaka 20 Disemba 2023. Siyobe sesivula futhi ngonyaka ozayo ngoMsombuluko womhlaka 15 Januwari 2024.
Sengiphetha uMhleli, ekanye nethimba lakhe ufisa ukwedlulisa izilokotho ezinhle kubo, bonke abalingan bethu kanye nabafundi bephephandaba ukhisimuzi omnandi, kanye noncibijane ophephile. Kakhulukazi sifisa indlela enhle ephephile kunciphe izingozi zomgwaqo, ukuze sibonane futhi ngonyaka ozayo sonke siphephile.