KZN PROVINCIAL GOVERNMENT
UHULUMENI waKwaZulu-Natal unezinhlelo zokukhuthaza abakhubazekile ukuba bafunde baphinde bacije namakhono ezintweni ezahlukehlukene kuhlanganisa nezobuchwepheshe. Lokhu kuvezwe yiBamba likaNdunanankulu waKwaZulu-Natal uNomagugu Simelane, eNewcastle njengoba kuhleli iPhalamende labakhubazekile (Disability Sector Parliament), okuwuhlelo lwesiShayamthetho sesifundazwe.
“Abantu abakhubazekile abaguli, umqondo wabo uyasebenza nje kahle yingakho sibakhuthaza ukuba bangene ezintweni zobuchwepheshe bathuthukise amakhono abo okuzisungulela amabhizinisi futhi baqasheke emikhakheni enhlobonhlobo kuhulumeni nasezimbonini ezizimele. Uhulumeni usezinhlelweni zokuthi abantwana abakhubazekile bathuthukiswe kwezemfundo ngokuthi kungagcini ngokuthi kwakhiwe izikole nezindawo abakwazi ukungena nokufunda kahle kuzona kodwa bahlelelwe nemifundaze ukuze bafunde baye phambili,” kusho uSimelane.
Uqhube wathi uhulumeni wesifundazwe unempokophelo yokuthuthukisa abantu abakhubazekile kodwa lokhu kuyoba yimpumelelo uma kukhona ukubambisana phakathi kukahulumeni, izinhlangano ezizimele, nezinye izinhlaka kanjalo nabo abantu abakhubazekile.
USimelane uphinde wabika ngosekwenzekile okwakuphakanyiswe njengezisombululo zePhalamende Labakhubazekile lanyakenye, wabika ngokwesikhundla sakhe sokuba wuNgqongqoshe wezeMpilo, waphinde wabika ngosekwenziwe wuMnyango wakwaSocial Development.


