U-Engen, ngokubambisana nekomidi elihlanganyelwe lomphakath, usabalalise injabulo yamaholide efudumele ezinganeni ezingu-84 ezihlala eSt. Monica’s Children’s Home and Youth Care Centre, isikhungo sokunakekelwa kwezingane nentsha.
Umnikelo waka-Engen wama-Santa Boxes, ogcwele izibiliboco namathoyizi, ukhanyise ubuso bezingane ezihlala kulesikhungo.
Ithimba lakwa-Engen livakashele iSt. Monica ngomhlaka -13 kuZibandlela ku-2023, esabalalisa izipho ezisemabhokisini aqukethe i-LiquiFruit, amanzi asebhodleleni, ama-Simba Chips, ama-KitKat, ama-Toppers Biscuits, ama-Toros Sweets, ama-Lolly Pops, ama-Christmas Crackers, kanye nethoyizi lengane ngayinye.
USarisha Naidoo, usonhlalakahle kanye neMenenja eSt. Monica’s Children’s Home and Youth Care Centre, udlulise ukubonga okusuka enhliziyweni ku-Engen ngalesi senzo, egcizelela umthelela enawo ezinganeni.
“Leli galelo elibalulekile lilethe injabulo enkulu nokumamatheka ezinganeni zethu ezingenathemba kangako. Akekho ngempela owenzele le sikhathi samaholide umlingo kubo. Injabulo nesasasa lalizwakala ngesikhathi izingane zembula izinto ebezingalindelekile, kwadala izikhathi ezingasoze zalibaleka,” kwengeza uNaidoo.
Ukuya nokubuya esikoleni, izikhathi zokwelashwa, nezinsuku zasenkantolo kuqinisekiswa ngokuba khona kwezimoto kanye nomshayeli.
Ukwengeza, izingane ziyazuza ekwelulekweni okuhlinzekwa usonhlalakahle ozinikezele, osebenza ngokubambisana nabanakekeli ukuze bakhe izinhlelo zezingane zonke ngayinye.
UDkt James Xolani Nyawera, oyiNhloko yoGuquko nokuBambisana kwababambe iqhaza kwa-Engen, uzwakalise ukuzibophezela kwenkampani kwinhlalakahle yomphakathi, wathi: “Njengenkampani enakekelayo nehlanganisa wonke umuntu ‘enenhliziyo,’ siyethemba ukuthi lesi senzo esincane sizonikeza induduzo ezinganeni zaseSt. Monica’s Children’s Home and Youth Care Centre ukuze isize ekuqhakambiseni isikhathi sabo samaholide.”
Ukweseka kuka-Engen kuhambisana nokuzibophezela kwabo futhi kugxile kwinhlalakahle yomphakathi, kukhombisa ukuzinikela kwabo ekwenzeni umthelela omuhle emiphakathini abayisebenzelayo.
Njengelungu lesikhathi eside nelizinikele emphakathini waseSouth Durban Basin, u-Engen uyakwamukela ukubambisana okuhle nomakhelwane ukuze kuzuze zonke izinhlangothi.
Ngakho-ke, u-Engen uyaqhubeka nokuxoxisana ngokuvulelekile nabamele umphakathi waseSouth Durban Basin ngokusebenzisa ikomidi elihlanganyelwe lomphakathi ukubhekana nezindaba ezikhathaza umphakathi nokubambisana ngamathuba okuthuthukisa umphakathi.
Ikomidi elihlangene lomphakathi no-Engen liyinkundla yokuxoxisana nomphakathi waseSouth Durban Basin, lapho imizamo eminingi yokuxhumana eholwa ngumphakathi okuhloswe ngayo ukuphakamisa kanye nokunika amandla umphakathi wendawo iqhubeka nokuholwa ngokubambisana nangempumelelo.