SHEILA MHLONGO
UPhile Shange (18) ongumfundi waseSidelile High School, okuyisikole esinomlando omuhle ngemiphumela emihle, esiseMagabheni kuWard 99, eningizimu yeTheku, ubengomunye wabafundi baka matikuletsheni ku-2023, abaphumelele ngamalengiso kanti, uthi ukusebenza ngokuzikhandla ikona okumenze waphumelela ngamalengiso.
Uphile Shange uklonyeliswe ngezitifiketi kanye nendondo ngokuba umfundi ophume isithathu (position 3) kuzwelonke, position 1 esifundazwei, position 1, ezifundweni kwi-Physical Science, Position 1 kwi Geography, kanye noPosition 1 ngaphansi koMlazi District.
Iphephandaba, lomphakathi iKZN Namuhla liye lahambela kubo kaUphile Shange ukuyozizwela kahle mayelana nezindaba ezimnadi ezisabalele endaweni yaseMagabheni namaphethelo yokuthi lomfundi ube ngomunye umfundi othole isimemo esikhethekile ebesivela kuNgqongqoshe wezeMfundo yamaBanga Aphansi (Basic Education), uNkk Angie Motshekga ngenhloso yokubungaza bonke abafundi baseNingizimu Afrika abaphase ngezinga eliphezululu kumatikuletsheni (Top Achievers).
Echaza ngempumelelo yakhe Uphile uthi usebenze kanzima nsuku zonke kusukela uqala unyaka ka 2023 njengoba ubelala avuke phakathi namabili ngehora leshumi nambili (12) aqale afunde kuze kuse ekuseni, ubenza ama extra class esikole, enza konke okusemandleni ukuthi ulalela othisha bakhe, aphinde abuze lapho engezwa kahle ukuze athole incazelo ngezifundo zakhe.
Uphile uqhuba ngokuthi enye into edale impumelelo ukuthi ubezibandakanya nabangani abathanda imfundo. Kanti ngesikhathi esafunda amabanga aphansi ubehlale ebukela kubafundi abenza kahle ezifundweni zabo, njengoba kwathi esenza ibanga 11 wafaka kakhulu umfutho wokuzimisela ngezifundo zakhe.
Mayelana nesimo sasekhaya uthi naso besisihle kakhulu ngoba umndeni wakhe ubumeseka umnika isikhathi sokuthi abheke izifundo zakhe ungamhluphi ngokumenzisa imisebenzi yasekhaya.
Uphile uthi konke lokhu ubekwenza ngoba enentshisekelo yokuthi uma eqeda umatikuletsheni wakhe akwazi ukuya enyuvesi ayokwenza iziqu kwi Actuarial Science, ukuze asebenze ezinkampanini zemishwalense nasemabhizinisini amakhulu.
Uphile uthi uzizwa ejabule kakhulu kodwa futhi akakakholwa namanje ukuthi ngempela uyena lona.
IKZN Namuhla ibuye yaxoxa nogogo wakhe, uNkk. Monalisa Zama othe impela naye ujabule kakhulu ngempumelelo yomzukulu wakhe amkhulise kanzima emva kokushona kuka umama wakhe esemncane eneminyaka eyisikhombisa kuphela.
Ugogo uMonalisa uthi ubonga uhlelo lukahulumeni lokufundisa izingane ezingenabo abazali olusize umzukulu wakhe Uphile njengoba uze waqeda engakaze ahlupheke ngemali yesikole njengoba namanje umzukulu ezofunda mahhala enyuvesi yaseCapeTown ngomfundaze (Bursary) wenkampani yakwa Investec okuyiyo ezomfundisa imkhokhele zonke izindleko zasenyuvesi.