Sanibonani bantu bakithi . Njengoba siqeda kubungaza usuku lwezithandani ngithi angikhuthaze bonke abathandanayo abakwazile ukubonisana uthando ngezindlela ezahlukene ukuthi mabangagcini lapho kodwa mabaqhubeke benzanjalo noma kungaseylona usuku olugujwa ngumuntu wonke kodwa uma bethole isikhathi baphinde bazenzele olwabo usuku bathokozisane babonisane uthando .
Izinkinga esibhekana nazo kulomhlaba ziyaluhlonipha uthando ngoba noma kwenzeka into ebuhlungu okungakanani uma umuntu ekubonise uthando uye uzizwe ubangcono kakhulu . Yingakho ngithi ukuze sakhane siyisizwe esimnyama sakhe imindeni ephilayo nomphakathi ophilile masiqale siphakamise uthando kwabathandanayo. Mawungacishi loyo mlilo wothando kodwa mawuvuthe ingunaphakade .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare