Ijabulise abalandeli iBafana ibuya nendondo yethusi kowe Afcon

Iqembu lesizwe iBafana Bafana libuyise isithunzi ebholeni lase Ningizimu Africa liwina indondo yethusi emqhudelwaneni we Africa Cup of Nations ( AFCON ) ebibanjelwe e Stade Felix Houphouet Boigny e- Abidjan ezweni lase Ivory Coast. URonwen Williams ongunozinti nokaputeni weBafana uphinde waba yiqhawe etakula iNingizmu Africa sekushaywa amaphenathi emdlaweni wabo Democratic Republic of congo ( DRC) belwelwa indawo yesithathu .

Continue reading

USandile Shandu Fisa uxhaso lwestudio equipment kanye nama camera

USandile Shandu(27) odume ngelika Triple S wenza umculo wama Piano kanye neGqomu ozalelwe eDokodweni osehlala eHaizelmere Dam eVerulam, uthado lomculo luqale 2013 esaseskoleni lapho ahlanganisa iqembu elalizibiza nge Experted Souls, kwathingo 2010 wasungula iQembu eselisimeme kakhulu kuze kube imanje selisebenze namanciko amaningi njengo, Sizwe Mdlalose (Afrotainment), Love Devotion, Koba Sings, CoolDown, Dj Lc, Shado M (inhliziyo yam ithi Hey hit maker) Que DJ, Emza, Yb, nabanye abaningi.

Continue reading

UThembelihle Gumede ongelene uMiss Durban 2024 ucela uxhaso lwezimpahla zokugqoka  ukuze asize abaswele empakathini

UThembelihle Gumede(17)Ohlala eNanda Glebe eMachobeni uqale ukuba nguzime ngonyaka ka2021 noma engazange awine,lokho akumlahlisanga ithemba ngonyaka ka2022 wangenela Miss Glamourous kwilapho awina isicoco sika Queen,waphinda wangenela omunye umcintiswano uMr and Miss eThekwini Municipality Role Model waba yiAmbassador, owokugcina awungenela ku2022 Miss Dream Chasers nakhona waba i-Ambossador .

Continue reading

IMeya yeTheku ihambele imiphakathi yezindawo ezahlukene zedolobha ngenhloso yokuphuthumisa ukulungiswa kwengqalasizinda yedolobha.

IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda, ehambisana nekhansela laku Ward 1 uThembo Ntuli, ekanye nosihlalo wekomidi leGovernance and International Relations ukhansela uNkosenhle Madlala, behlangene nethimba lobuholi ezinhlakeni ezahlukene baku Ward 1, bahambele indawoyaKwaXimba ngomhlaka 6 Mashi ngenhloso yokuyohlola izingqinamba ezivimba ukuqhutshwa kwama project amanzi, ukuthuthwa kwendle, kanye nokwakhiwa kwemigwaqo endaweni.

Continue reading