SHEILA MHLONGO
UNomaza Malamela-Mei, ongumama wabantwana ababili kanye nomzukulu oyedwa, ngokwemfundo ungumhlengikazi ofunde wagogoda, uneziqu ze Child Nursing Science,sewathatha umhlalaphansi kodwa manje ungumbhali wencwadi ‘The Crowning Rooster’. Udabuka esifundazweni sase saKwaZulu-Natali eMzimkhulu ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala.
UNomaza ukhule kahle njengazo zonke izingane zasemakhaya kodwa impilo yakhe iqale ukushintsha ngesikhathi ehlaselwa ukugula okwamshiya esenenkinga yokungezwa emadlebeni uthi kwakunzima ngoba izibhedlela nemitholampilo kwakungekho eduzane, nakuba ekugcineni wakwazi ukuthola usizo lwento efakwa emadlebeni (Hearing Aid),ukulekelela ukuthi ezwe umsindo,noma kukhulunywa naye, nakuba kwakungelula kangako kodwa kwamisiza kakhulu ngoba ekugcineni wakwazi ukufeza isifiso sakhe sokuba afundele ukuba umhlengikazi.
UNomaza utshele iphephandaba iKZN Namuhla ukuthi okwamenza afundele ukuba umhlengikazi ukuthi wayenothando lokuhlenga izingane ngenxa yokuthi naye kwathi ehlaselwa ukugula okwamshiya engakwazi ukuzwa emadlebeni,wasizwa abahlengikazi ababanozwela kuye waze wakwazi ukuthola okwamsiza ukuthi aphinde akwazi ukuzwa nakho okwenza ukuthi agcine ekwazile ukuqhubeka kahle esikoleni kusukela kumabanga aphansi kuze kube uphothula ibanga leshumi nambili.
Mayelana nokuthi kungani eqambe incwadi yakhe ngokuthi ‘The Crowning Rooster’. Uthi kungenxa yokuthi emva kweminyaka eyisithupha yonke, engasakwazi ukuzwa emadlebeni umsindo weqhude iwona awuzwa kuqala ngenxa ye-Hearing Aid ayifaka emadlebeni.
UNomaza ucele iphephandaba ukuthi lishicilele udaba lwencwadi yakhe ngoba enefiso sokufinyelela kubantu abangaba nothando lokuyithenga njengoba engasebenzi, ephila ngokudayisa yona, nokuthi udaba lufinyelele kubantu abangaba nothando lokwenza umkhankaso wokuqwashisa ngenkinga yokugula ngokungezwa emadlebeni,
ukuze abantu baqonde kabanzi ngalesisifo nokuthi zikhona izindlela ezingabasiza
Mayelana nokuthi incwadi yakhe itholakale nase nakwiMtapo yolwazi (Libraries) nasezikoleni, uNomaza uthe, impela kuyisifiso sakhe esikhulu leso, nokho wathola ukudumala emva kokuthi ethumele ne –Email kuMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natali,ecela ukuthi incwadi, ihlolwe ukuthi ingakulungela yini ukuthi ifundwe izingane ezikoleni, kodwa wangathola impendulo kuze kube manje.
“Namanje ngiyafisa ukuthi incwadi yami itholakale ezikoleni nakuyona imitapo yolwazi ukuze ifundwe izingane kanye nabazali ngoba ingasiza kakhulu ukuqwashisa mayelana nenkinga yokugula okungenza ukuthi umntwana agcine engasezwa emadlebeni”.Kuchaza uNomaza.
Unomaza uthi umyalezo wakhe awubekise kubazali nakumphakathi wonke owokuthi kumele bayithathele phezulu inkinga yokungezwa kubantwana nakubantu abadala, basheshe bathole usizo ukuze abantwana bakwazi ukuthola usizo, njengoba kwenzeka nakuye wagcina esekwazi ukuzwa kanye nokufeza iphupho lakhe wagcina engumhlengikazi.Okunye okuhle lapha eNingizimu Afrika, iSign Language isigunyaziwe ukuthi ibe ulimi lweshumi nambili (12) ukusiza ukuxhumana nalabo abangezwa sanhlobo emadlebeni.
“Kuningi okusamele kwenziwe ukubhekana nenkinga yabantwana abangezwa emadlebeni ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya kuyadingeka ukuthi kuqhutshwe umkhankaso wokuqwashisa abazali, ngoba kukhona abantwana abangasakwazi ukufunda ezikoleni ngenxa yalenkinga yokungezwa, noma abanye befunda kodwa ayikho inqubekela phambili kubo”. Kuchaza uNomaza.
Kanti umyalezo awubhekise kubantwana abanenkinga yokungezwa kumele bangalilahli ithemba bazi ukuthi basengakwazi ukufeza amaphupho abo kodwa kumele bayiveze inkinga yabo bangesabi ukuphumela obala. “Funda iSign Laguage ngoba iyokusiza ukuthi uxhumane nabantu, ngisho noma ukwazi ukuzwa ifunde ukuze ukwazi ukuxhumana nalabo abangakwazi ukuzwa.”kuchaza uNomaza.
Ephetha uNomaza uthi incwadi yakhe iyatholakala kuyena uqobo ngoR300, kanye naku Amazon, Draft 2 Digital(D2D), Takealot, CFT e- commerce platform. Kwabadinga ukuxhumana naye bangamthinta kunombolo kaWhatsApp:073 657 4637- Email:noma.mei@outlook.com