Ukubaluleka kokuqaphela intando yeningi

Maduze nje iNingizimu Afrika izobe ibungaza iminyaka engamashumi amathathu (30) yonke yathola inkululeko, emuva kweminyaka ibuswa uhulumeni wengcindezelo lapho izakhamizi zabe zincishwe amalungelo. Okungakho izakhamizi kumele zithi ukuma kancane zibheke emuva  lapho zisuka khona. Nakuba uhulumeni enze konke okusemandleni ukusungula imithetho kanye nezikhungo zokuvikela amalungelo ethu esiwazuze kanzima, kodwa

kusekhona ingozi enyonyobela  entando yeningi eqonde ukunqinda amandla oMthethosisekelo kanye nezikhungo okumele ngabe ziyaweseka.

Kuleminyaka embalwa esikuyo kunezigameko zepolitiki esezikhahlameze umsuka wentando yeningi kulelizwe lethu. Iqiniso ukuthi zingi izinto ezidala ukwehlukana ezweni lethu lapha sibala ukwahlukana ngokwezinga lempilo, izinga lenhlalo, elokuqashwa, ngokobulili,ngokwenkolo,ngokwemibono yezepolitiki, ngaphezu kokuhlukana ngokobuzwe.   

Ngisho nangaphakathi eqenjini elibusayo ukwehlukana ngokwezinga lempilo kukhulu kakhulu ngendlela yokuthi sekuze kwadala ukuthi kube nokubeka phambili ukuzicabangela kosopolitiki kunokuthi banikeze izidingo kubantu. Isimo sokwehlukana kuhulumeni sekuze kwafika esigabeni sokuthi kuqine ukubangwa kwezikhundla, amathuba angcono okuzicabangela kanye nokubhozomela ukubusa kunokuthi kube nombono wokusebenzisana.

Ngaphezu kwalokhu sekuphele cishe iminyaka engamashumi amathathu yonke emva kokuthi isizwe sathola ukubuswa  ngokwentando yeningi kodwa imiphumela yokwehlukana phakathi nokungaphathwa ngendlela emphakathini ibonakala iba nomthelela odala ubuphofu, ukungalingani, kanye nokwesweleka kwamathuba emisebenzi okulokhu kulicindezele njalo izwe. Uma lesisimo singalungiswa sizodala ukuthi kubukeleke phansi intando yeningi.

Okunye futhi lesisimo sidala ukuthi kube nesimo esingesihle   esidalwa inkinga engapheli  kagesi ngisho noma ngabe  uMthethosisekelo kanye nezikhungo ezingaphansi kukahulumeni (Chapter 9 Institutions) zikwazile ukwenza isisekelo sokuthi kube nesimo senhlalo eyinhlanganisela phakathi kwabantu nohulumeni emazingeni ehlukene. Izazi kwezomnotho zibalula ukuthi lenkinga idala ukuthi iNingizimu Afrika ilahlekelwe isamba esicishe sibe uR6 billion wamarandi ngosuku, lokhu okwenza ukuthi kwande abantu abakhungethwe ubuphofu, abangasebenzi, kanye nokwanda kobugebengu ngesikhathi lesimo sithikameza utshalomali.

Noma ngabe uhulumeni wenza konke okusemandleni ukulungisa isimo kodwa iqiniso ukuthi uma engaphuthumi kungenzeka kuqhamuke izimo ezingacekela phansi lentando yeningi esiyithole kanzima.

Kukho konke lokhu yini engenziwa ukuthi kuqinsekiswe ukuthi asilahlekelwa ithemba lethu leminyaka engu 30?

Okokuqala; kunakho konke sonke isakhamuzi sakuleli sinomsebenzi wokuthi sivikele intando yeningi kunoma yini ebonakala engase iyihlasele.

Okwesibili; uhulumeni kumele aphuthume abhekane ngqo nezinto ezingase zidale ukuthi kungabikho uzinzo emphakathini wethu, kanye nobudlelwane obuphakathi kwabantu.

Kumele kube nokubambisana phakathi kwezinhlaka ezikhona emphakathini. Nakuba ukwehlukana ngokomnotho kuqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo manje angeke kube nokuthula emphakathini  inqobo nje uma izinkinga ezimayelana nobuhlanga ziqhubeka  ziba khona akusoze kube nokuzwana emphakathini.Ngakho manje sekuyiso isikhathi sokuthi kwenziwe imazamo yokuqeda lesimo.

Okwesithathu; ukubambisana phakathi kwamaqembu ezepolitiki kubalulekile ukuze kusizakale abantu bonke futhi, ikona okumele kubekwe phambili. Izinsuku zokulwa kubangwa izikhundla, amabhenefithi, kanye namandla sezedlule. Umkhuba wosopolitiki wokungakhathaleli  ukufeza izidingo zabantu nakho kungenye yezimbangela  ezidala ukuthi kube nezinga eliphezulu lokungagculiseki emphakathini.

Sekunesikhathi eside osopolitiki bekhombisa ukuthi intando yabo iyona esemqoka kuneyabavoti. Kodwa kumele ngabe sebeyabona manje ukuthi lokhu kwenza kwabo kuphelelwe isikhathi. Uma kufika ukhetho luka 2024 abavoti bayokhetha ngokwezimo zabo lapho beyovotela amaqembu epolitiki akhombise ukuzwelana nesimo sabo.

Okwesine;  Ukuqhakambisa ukulethwa kwezidingo kubantu ngendlela egculisayo kumele kube seqhulwini emazingeni ehlukene kuhulumeni. Lokhu kuyodinga  ukuthi kube nokuzimisela. Nakuba ukulethwa kwezidingo ngqangi kubantu ngendlela egculisayo kukhombise ukuba inkinga kuleminyaka eyishumi edlule , kuye kwanda imibhikisho emphakathini ngenxa yokungagculiseki. Eminyakeni embalwa edlule uhulumeni wethula uhlelo olwalubizwa nge “back to basics” okwakuyimizamo yokulungisa izimo ezibalulekile. Ezihlanganisa ukungaphathi ngendlela komasipala abaningi, ukugxambukela kwezepolitiki, izinkinga zezimali, inkohlakalo, kanye nomlando wokulethwa kwemisebenzi kubantu ngaphandle kwenkokhelo. Nokho kuthanda ukuba ngconywana emadolobheni amaningi kanye nakomasipala abancane.

Kafushane sonke kumele sisebenzisane ukuze sivikele intando yeningi siphinde sivimbe ukuxhashazwa kanye nokudicilelwa phansi kwezikhungo, kanye namalungelo ethu. Ngokwenza lokhu siyobe sihlonipha omama kanye nobaba bethu abasebenza nzima baze banikela ngezimpilo zabo bevikela lamalungelo esiwathathela phansi. Ukuze siqinisekise ukuthi isizukulwane esizayo siyazuza ngalenkululeko kumele siqinisekise ukuthi siyawagcina. Sebenzisa ivoti lakho ukwenza umehluko kulolukhetho oluzayo.

UDkt. Paul Kariuki unguMqondisi Jikelele (Executive Director) enhlanganweni Democracy Development Program (DDP). UBongiwe Khumalo ungumcwaningi  nothisha (researcher  and  educator) Kanti imibono elotshiwe lapha ingeyabo .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *