SHEILA MHLONGO
Inhlangano iSouth African National Civic Organisation (SANCO) igcine imxoshile lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, esikhundleni sakhe sokuba uSihlalo wayo KwaZulu-Natali. Lesitatimende sikhishwe iSANCO ngoLwesihlanu lomhlaka 16 Febhuwari 2024.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba, sithi iSANCO ithathe lesinqumo sokuxosha uZuma, ngoba engakaze ethamele ngisho owodwa umhlangano kusukela waqokwa ngomhlaka 19 Novemba 2023 ngesikhathi kuhleli inkomfa yesifundazwe, nakhona waqokwa evele engekho.
Ngokomthethosisekelo wenhlangano omayelana nokwenganyelwa kwemihlangano yamalunga aqokelwe ezikhundleni zokuhola, ukubeka ngokusobala ukuthi, uma umholi esifundazweni ehluleka ukuba khona emhlanganweni wekomidi, kumele athumele incwadi yesixoliso kunobhala wesifundazwe ngaphambi komhlangano, kodwa uma ehluleka ukwenza lokhu kuyothathwa ngokuthi akaziphathanga kahle.
“Uma ilunga lehluleka ukuba semihlanganweni yekomidi kuze kube kathathu ngaphandle kwesizathu esizwakalayo, lelolunga liyothathwa njengeselimane lashiya ngokwalo inhlangano, kanti liyobe selaziswa ngencwadi ezinsukwini eziyisikhombisa (7) emveni komhlangano owedlule, ngaleyondlela kuyobe sekuqokwa elinye ilunga esikhundleni salo emhlanganweni oyisipesheli wesigungu esiphezulu esifundazweni”.kucacisa isitatimende.
Ngenxa yokungahambeli imihlangano kukaZuma iSANCO ibe isiqoka uMnu Lawrence Dube njengoSihlalo wesikhashana noma osabambile KwaZulu-Natali. Kanti maduze nje isigungu esikhulu esifundazweni sizokhetha ubuholi obusha lapho uMnu Lawrance Dube ezoqokwa njengosihlalo ngaphandle kokuphikiswa, kuthi uJabu Msiya wesifunda iHarry Gwala yena uzoqokwa njengePhini lakhe.Bobabili labaholi bathathwa njengabaqotho emsebenzini wabo wokuhola abantu baKwaZulu-Natali.
Iphephandaba iKZN Namuhla lizamile ukuthinta abeJacob Zuma Foundation kanye nomkhulumeli kaMnu Zuma uJimmy Manyi ngenhloso yokuzwa ukuphawula kwakhe mayelana naloludaba, kodwa zonke izinombolo zezicingo bezingasebenzi.

