Bekuheleza umoya wokuthula uNdunankulu ethula inkulumo yesifundazwe saKwaZulu-Natali

UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ethula inkulumo yakhe yokugcina yesifundazwe (SOPA)

SHEILA MHLONGO

Bekuheleza umoya wokuthula ngesikhathi uNdunankulu uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube , ethula inkulumo yakhe yokugcina  yesifundazwe (SOPA) esiShayamthetho saKwaZulu-Natali ngoLwesithathu lomhlaka 28 Febhuwari,2024 , eOval Cricket Stadium eMgungundlovu.

Ethula inkulumo yakhe uNdunankulu uDube-Ncube uke wathatha ithuba ebheka emuva ezinyangeni eziyishumi nesishagalombili (18) ezedlule, ngesikhathi efungiswa esikhundleni sokuba uNdunankulu wokuqala ngqa wesifazane KwaZulu-Natali, nokwaba isifungo asithatha njengesibaluleke kakhulu sokuthi aphathe isikhundla esiphezulu kakhulu kuhulumeni wesifundazwe.

UNdunankulu uDube-Ncube ukhulume kakhulu  mayelana nalokho osekuzuzwe uhulumeni obuswa ngaphansi kwentando yeningi kusukela ngonyaka ka 1994 lelizwe lathola inkululeko, waphinda wakhumbula bonke oNdunankulu abandulelayo lapha esifundazweni kusukela ngeminyaka yawo 1994-2004 kwafungiswa uDktl.  Frank Mdlalose, u Dktl. Ben Ngubane ababengaphansi kweqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP). Kwathi ngonyaka ka 2004 kuze kube 2024 kwafungiswa  oNdunankulu ngaphansi kweqembu le-ANC okwaba uMnu Sibusiso , uDktl Zweli Mkhize, uMnu Senzo Mchunu, uMnu Willies Mchunu, kanye noMnu Sihle Zikalala, owelanywe nguye  uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube.

Kwinkulumo kaNdunankulu uDube –Ncube ubalule kakhulu konke osekuzuziwe uhulumeni wesifundazwe kusukela  eminyakeni engamashumi amthathu (30) edlule. Kanti phakathi kwezinto azibalulile kube ukuvuleka kwamathuba emisebenzi eyabe yenziwa abamhlophe kuphela,  kodwa manje eseyinziwa abantu abansundu njengokushayela izitimela namabhanoyi.

Intuthuko kwezobuchwepheshe be Internet njengoba zibalelwa ku 85% izakhamizi zakulesifundazwe esezikwaze ukuxhuma kubo ubuchwepheshe be Internet, kanti izikole nazo sezithuthukisiwe zaba nama digital skills labs. Kanti kukhona nentsha esihlomulile kulo uhlelo lwezobuchepheshe be-Internet ezifundeni ezine.

UNdunankulu phakathi kwezinto ezinigi azibalulile akayishiyanga ngaphandle eyezimfundo engcono, izindlu, ezempilo, kanye nentuthuko yezomnotho.

Nakuba uNdunankulu uDube- Ncube ebale izinto eziningi ezinhle esezizuzwe isifundazwe kodwa amaqembu aphikisayo akazange akhombise ukuyithakasela inkulumo yakhe kodwa kunalokho azwakalise ukuthi ube mane egaya ivoti. Kanti iqembu le Economic Freedom Party belithule sengathi alikho kuheleleza umoya wokuthula endlini yesiShayamthethosaKwaZulu-Natali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *