SBU MAMBA
Inyunyana yabadlali bebhola kuleli i-South African Fooball Players
Union ithi bazothathelwa izinyathelo abaphathi beMoroka Swallows
ngokuxhapaza abadlali nokuphula amalungelo abo.
Uyaveva umengameli we SAFPU uMnu Thulaganyo Gaoshubelwe
ngesenzo se Swallows sokuxosha abadlali ngokungekho emthethweni
uthi bayinhlangano ngeke bathule basonge izandla kuxhashazwa abadlali
.
Uthi i Swallows iyona kuqala ephule isivumelwano phakathi kwayo
nabadlali ngokungabaholeli abadlali imali ebhalwe kunkontileka , uthe
bese kuphele izinyanga abadlali bengayitholi imiholo yabo , uthe
bengaholi benjalo kodwa bakhombisile ukuyihlonipha i Swallows beya
ejimini nasemidlalweni yeligi kodwa bathe sebethatha isinqumo
sokulwelwa abalungelo abo jikijiki i Swallows isiyabaxosha
ngokungekho emthethweni .
UGaoshubelwe uthi loludaba bazoliyisa ku Dispute Resolution Chamber
eqondisa izigwegwe . ISwallows ithuse abaningi ngenyanga edlule
imemezela ukuthi isichithe abadlali abawu 22 , ithi labadlali babamba
isiteleka esingekho emthethweni kanti abadlali bebelwela amalungelo abo
okungaholelwa izinyanga ezingaphezulu kwezintathu . UGaoshubelwe
uthi uzwile ukuthi kulo 22 oxoshiwe kukhona asebebuyile , kuthiwa i
Swallows iphinde labadlali yabanika ithuba lesibili lokubabuyisa kodwa
bavume ukwehliselwa amaholo , phakathi kwababuyile kubalwa u nozinti
uDaniel Akpei , Tlakusani Mthethwa , Kwanda Mngonyama no
Lindokuhle Mtshali . UGaoshubelwe uthi kwakhona lokho ukubizela
abadlali eceleni ubehlisele amaholo kodwa usabekweleta izimali zabo
zangonyaka odlule kuwukubaxhaphaza abadlali nokubathatha kancane ,
uthe bazowalelwa amalungelo abadlali be Swallows baze bathole zonke
izimali zabo abakweletwa zona i Swallows
ISAFPU ithi izikhulu ze Swallowszizoyikhotha imbenge yomile

