UDktl Makhosi Khoza usethole ikhaya elisha lezepolitiki kwi Abantu Batho Congress

Kwesokunxele uDktl Makhosi Khoza ekanye noMengameli we Abantu Batho Congress uMnu Philani Mavundla

UDktl. Makhosi Khoza osegcogcome emaqenjini ambalwa ezepolitiki kuleli, usezitholele ikhaya elisha. Lokhu kuza emuva kokuthi uMengameli  eqenjini le Abantu Batho Congress uMnu Philani Mavundla, enze isimemezelo emavikini amabili edlule,sokuthi useqoke uDktl. Makhosi Khoza njengePhini lakhe kanye nabanye.

Ukuqokwa kukaDktl. Khoza njengePhini likaMengameli we Abantu Batho Congress kuza emva kokuthi lenze ushintsho emva kokuthi ibambe inkomfa kazwelonke kwabakhona okungahambanga kahle.

UMengameli uPhilani Mavundla ube esephakamisa igama lika Dktl.Khoza kanye nabanye abathathu abazoba sesigungwini esiphezulu sikazwelonke waphinde wengeza nabanye abayisithupha.

Abanqokwe noDktl. Khoza kube uJackie Shandu kwesobu Sekela Nobhala, Mfundo Masondo, kwesokuba uSihlalo kuzwelonke. Kanye no Dktl. James Mthethwa kwesokuba iPhini likaSihlalo.Laba bazobambisana noMavundla kaye noNobhala Jikelele, uPhumelele Phahla esigungwini sikazwelonke(NEC).

Abanye abamenyezelwe njengamalunga amasha kubalwa   uBonginkosi Nxusa, Raymond Letlaka, Mbuso Mtshali, Nduna Ngcobo, uMfundisi Nhlanhla Gcwabaza kanye noPrincess Nonhlanhla Zulu-Dindi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *