UMengameli weUDM uthembise ukulwa nenkohlakalo ngesikhathi ethula iManifesto

UMengameli weqembu leUDM uGeneral Bantu Holomisa ethula iManifesto yeqembu lakhe

SHEILA MHLONGO

UMengameli weqembu le United Democratic Party (UDM) uGeneral Bantu Holomisa  wethembise ukwenza konke okusemandleni ukuqeda nya  ngendaba yenkohlakalo uma iqembu lakhe lingathola ithuba lokuphatha izintambo zombuso kuleli.Lokhu uHolomisa ukusho ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iManifesto yeqembu lakhe ngoMgqibelo womhlaka 2 Mashi 2024 eMidrand eGauteng.

UHolomisa uthe iqembu lakhe leUDM uma lingathola ithuba lokuthatha izintambo zombuso liyosungula inkantolo eyisipesheli yokubhekana namacala enkohlakalo, wathi ngoba kuyabonakala ukuthi uhulumeni weqembu leANC uhluleke wancama ukulwa nenkohlakalo kuleminyaka engamashumi amathathu (30) ephethe kuleli. Wagcizelela nokuthi iqembu lakhe lizimisele ukuqeda nya ngokuxhashazwa kwempahla kahulumeni.

Eqhuba inkulumo yakhe uHolomisa uthe uhulumeni weqembu lakhe angeke ukuvumele ukuthi iqembu lepolitiki libe ne investment, nokuthi lenze ibhizinisi nohulumeni.Wathi iNingizimu Afrika isenkingeni enkulu kuleminyaka engu 30 yombuso wentando yeningi, uhulumeni ubonakala engaxhumene nezakhamizi.

“Imbangela enkulu yalenkinga idalwa izinga eliphezulu lwenkohlakalo, izinga eliphansi lomnotho, ukwanda kwezenzo zobugebengu, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda, izinga elingamukeleki lokucishwa sakonga kukagesi, kanye nezinkumbi zabantu ezithutheleka kuleli zifuna ukukhosela.” Kusho uHolomisa. UNobhala Jikelele we UDM uYongama Zigebe uthe iManifesto yeqembu yakhelwe phezu kwesisekelo semibono yabantu. Wathi konke abakubalulile kwiManifesto izinto eziyimibono

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *