IDDP inikeze amaqembu ezepolitiki  ithuba lokuchaza ngamasu awo okukhipha elakuleli ezinkingeni kowe Multi-Party Forum

UDktl. Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele we Democracy Development Program(DDP) ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula iMulti-Party Forum

SHEILA MHLONGO

Inhlangano ebhekele ukuthuthukiswa kwentando yeningi kuleli okuyi Democracy Development Program (DDP), iye yanikeza amaqembu ezepolitiki ehlukene ithuba lokuchaza ngamasu awo azowasebenzisa ukukhulula elakuleli ezinkingeni ezilikhungethe.

Njengoba eNingizimu Afrika imatasa ilungiselela usuku lokhetho oluyoba ngomhlaka 29 Meyi 2024, iDDP ibe isimema isithangami sokuxoxisana phakathi kwamalunga omphakathi, izinhlangano ezizimele(NGO’s), izifundiswa, izinjula buchopho  kanye nabebemele amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwona ele IFP, DA, UDM, Action SA kanye neRise Mzansi. Lesithangami se Multi-Party forum besibanjelwe eGarden Court Hotel eThekwini ngoLwesithathu lomhlaka 13 Mashi 2024.

Evula isithangami sokuxoxisana, uDktl. Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele we DDP, uye wachaza  mayelana nenhloso yokubanjwa kwe Mpulti-Party Forum ukuthi kuyingxenye yomsebenzi wabo ukuthi balekelele elakuleli ukuthi lithuthukise intando yeningi ikakhulukazi njengoba kuyiwa okhethweni ukuze abantu baqonde ngamalungelo abo nokuthi bathole ithuba lokuxoxisana namaqembu ezepolitiki ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo eziyobasiza ukuthi bavotele amaqembu abakholelwa kuwona futhi abayokwazi ukuthi uma engasenzi kahle bathole izimpendulo kuwona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *