SBU MAMBA
Wamukelwe ngenkulu inhlokomo uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosaetheleka eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama emdlalweni weligi obuphakathi kwe Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates.Ubengahambi yedwa uMengameli ubephelezelwa uNgqongqoshe wezimidlalo uMnu Zizi Kodwa kanye noMengameli weSAFA uMnu Danney Jordan.
Abalandeli babheme bakholwa ku Soweto Derby yalonyaka ebisezingeni eliphezulu kakhulu, ibihanjelwe abaphathi bezwe , izikhulu eziphezulu ebholeni lakuleli , bekunandisa abaculi abahlonishwayo i TKZEE nabadansi, waphinde wabamnandi umdlalo ashaywa amagoli , noma igcine ishaywe ngo 3-2 Impofana iKaizer Chiefs kunqoba ezika Magebhula iOrlando Pirates kodwa okusalayo ubumuhle umdlalo kade kwagcina ukuthi iSoweto Derby ibe namagoli awu 5 ivamise ukuphela nge draw enganamagoli kwesinye isikhathi kube igoli elilodwa ngapha negoli elilodwa ngale.
Isiwombe sokuqala besiphethwe yiKaizer Chiefs esesibili kwakhonya iPirates , iChiefs iye ekhefini ihamba phambili ngamagoli amabili kwelilodwa ashaywe unyazi lomgadli waMakhosi u Ashely Dupreez , ngesiwombe sesibili kushintshile ukudla epletini ahlasela ngamandla aMabhakabhaka igoli le Zimnyama lokulinganisa libekwe enethini u Thabiso Lebitso emthenge ku Chippa United kodwa iqhawe kube uMonapule Saleng ophule izinhliziyo zaba bafana bokuthula noxolo eshaya igoli lesithathu yanqoba kanjalo iPirates ngo 3-2 bajabula abalandeli be zakamagebhula nomqeqeshi uJose Reviero , umqeqeshi waMakhosi uphume ngesamagundwane eFNB Stadium abalandeli bempofana bedinwe begane unwabu ulamumelwe amaphoyisa abalandeli be Chiefs befuna kumshaya bephosa namabhodlela enkundleni.