BebengangoZulu eya eMakheni abantu abathamele umcimbi wokukhumbula iminyaka engu-110 Isilo uDinuzulu KaCetshwayo sabuza. Le ngqophamlando yomcimbi ubusenkundleni yezemidlalo KwaCeza, ngoMgqibelo, 16 March 2024.

Abebehambele lo mcimbi babheme bakholwa ngesikhathi izikhulumi – okubalwa kuzo uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube – ziqhakambisa iqhaza elabanjwa nguMamonga woSuthu ukulwela inkululeko yesizwe samaZulu, esasibanjwe ngobhongwane ngumbuso wamaKoloni.

Continue reading

ARTS & CULTURE TRUST REQUESTS PROPOSALS FOR PROGRAMME PERSONNEL FOR THE 2024 ACT NYOLOHA SCHOLARSHIP PROGRAMME

Arts & Culture Trust (ACT) is inviting proposals from dynamic individuals to join the upcoming ACT Nyoloha Scholarship Programme (NSP) as programme facilitators/mentors. The ACT seeks programme personnel to support the NSP across four positions namely, a Visual and Digital Arts Mentor, a Performing Arts Assistant Mentor, a Stage Manager, and an Artistic Director.In partnership with Nedbank, Sun International, and the MTN Foundation SA, the ACT NSP is an undergraduate scholarship initiative designed to empower qualifying youth with opportunities to pursue tertiary education in visual and performing arts.

Continue reading

UPhiko lwe ANCWL  selunxuse amaPhoyisa ukuthi aqhamuke nohlelo lokuqapha udlame ngesikhathi sokhetho

UPhiko lwabesifazane leqembu le African National Congress (ANCWL) selinxuse uJenene wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uMkhwanazi ukuthi aqhamuke necebo elizosiza ukuqapha izenzo zodlame ngesikhathi sokhetho. Lokhu kuza emuva kokuthi kunezinsolo zokuthi amalunga eqembu le-IFP ashaye alimaza amalunga e-ANC ngoMgqibelo ngesikhathi kade kunomcimbi wokukhunjulwa kweminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu kaCetshwayo.

Continue reading

Iqembu le IFP liphika izinsolo zokuthi abalandeli balo bashaye balimaza abe ANC emcimbini wokukhumbula Inkosi uDinuzulu

Iqembu le-IFP selikhiphe isitatimende liphika izinsolo zokuthi abalandeli balo bashaye balimaza abalandeli beqembu le ANC, ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu. Lokhu kuza emuva kokuthi uphiko lwabesifazane be ANC (ANCWL) likhiphe isitatimende lisola iqembu leIFP ngokuba ophakimpi.

Continue reading