Amaphoyisa kaMasipala weTheku ayaqhubeka nomkhankaso omkhulu wokukhuculula enkabeni yeDolobha obizwa ngeMother of All Clean-ups. Inhloso yalo mkhankaso owethulwa yiMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda, ekuqaleni konyaka owedlule wukulwa nokungcola nobugebengu eThekwini

