![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/Picture4-1.png)
UPenny Ntuli obengumsakazi kwiGagasi FM 99.5, eThekwini usezitholele ikhaya elisha esiteshini somsakazo esiseGoli iJOZI FM 105.8. Lokhu kuza emuva kokuthi ezinkundleni zokuxhumana esabalalise udaba lwakhe lokuholelwa uR2,800 ngenyanga kwiGagasi FM.
Wonke umuntu obone udaba lwakhe uye wadabuka ukuthi intokazi enekhono elihle kangaka lokusakaza ingaholelwa imali encane kanjena okugcine ngokuthi asishiye phansi lesiteshi nakuba kwakungekho lapho ayeqashwe khona.
Kungakapholi namaseko uPenny eshiye phansi kwiGagasi FM, ubonakale esefaka ezinkundleni zokuxhumana umbhalo ukuthi “ Namuhla ngivuke ekuseni ngehora lesihlanu ngijabule ngosuku lwami lokuqala emsebenzini omusha.Ngyacela balaleli be JOZI FM 105.8 (Channel 878 on DSTV) ningamukele , ngizobe ngikulomsakazo njalo ekuseni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kwiMid Morning Chat Show between 9-12.” Kusho yena.
Kanti nabaphathi besiteshi nabo bamamukele ngezandla ezishushu uPenny. Sethembe nabalaleli bazokuthokozela ukucikoza kwakhe kukhuphuke nezinombolo.