AYANDA NTOMBELA.
Yize noma isimo sezulu besingesihle kwimpelasonto kamhlaka 6 April 2024 lokho akuzange kuvimbe
ICedara Agricultural College ukuthi inqobe IDurban University of Technology kumdlalo wabo
wamanqamu kwibhola lombhoxo. Umdlalo phakathi kwalezi zikhungozemfundo ephakeme ububanjelwe
enkundleni yezemidlalo eHilton eMgungundlovu.
Kulezi zinkunzi ezimbili ayikho ebifuna ukugoba uphondo njengoba izinhlangothi zombili bezihlasela
ngamandla. Umfutho ubuphezulu kakhulu njengoba kulama qembu womabili kuze kwakhala indweba
yokugcina kungekho nelilodwa elisashaye itry(goal).
Yize iCedara kade ihlasela ngamandla kodwa iDut ibinodonga olunamandla, obeluvimba kwasani
okusondela ngase mapalini. Abalimi(isiteketiso se Cedara) umdlalo bawunqobe ngamapenality abekade
ehlohlwa epali Quinton Mazangolo oyiFly half yeqembu,iCedara umdlalo iwunqobe ngo 12-